KUSUKE esinamathambo phakathi kosaziwayo ababili begadlana ezinkundleni zokuxhumana kulandela udlame nokuhlaselwa kwezitolo ezifundazweni ezimbili kuleli iKwaZulu-Natal neGaunteng.
UJub Jub ongumethuli wohlelo Uyajola 9/9 ubekele umkhuso umethuli wezinhlelo zethelevishini onguDJ uLerato Kganyago kulandela ukugxambukela enkulumeni yakhe.
Lokhu kuqale nge-video kaJub Jub ayiqophe wayinameka ekhasini lakhe le-Instagram yabe isisatshalaliswa emakhasini ahlukene ezinkundleni zokuxhumana kwiTwitter neFacebook.
Kule video uJub Jub uveza ukuthi abantu bafanele ukuthukuthela ngoba babhuqwa indlala futhi nohulumeni akazifezi izidingo zabo kanti nezinsiza ziyagqoza ezindaweni ezihlala abamnyama.
UJub Jub uveze nokuthi kunabantu esekuphele izinyanga ezine bengenawo ngisho amanzi bekhala kodwa bengasizakali kuhulumeni kunalokho bavaleleke emakhaya nemsebenzi ayikho.
"Ngikhuluma nozakwethu emikhakheni wezokungcebeleka, bonke bathule akekho ophawulayo ngalokhu okwenzekayo. Kodwa uma sebekhiphe izingoma bazobe befuna ukwesekwa abantu abafanayo. Nabenza izinhlelo zethelevishini, abezemidlalo bonke bafuna ukwesekwa yilaba bantu. Namhlanje nizibona ningcono kunabo, ngikhuluma ngezihlakaniphi zabantu abamnyama abalokhu besibelesele begxeka abantu abatapa izinto ngoba bazibona sebengcono, " kusho uJub Jub.
Yilapho egulukudele khona uLerato waphawula ngokuthi uJub Jub wenza iphutha ngokuphawula ngalolu hlobo. Akagcinanga lapho uLerato waveza nokuthi konke lokhu okwenzekayo kunomsuka nesandla sabakwaGupta okuyibona abawumgogodla wezinkinga eNingizimu Afrika.
ULerato uthe naye uyiciko kade ezwakalisa uvo lwakhe ngokwenzekayo ngakho akulona iqiniso okushiwo uzakwabo. UJub Jub ube esemtshela ukuthi akazokubekezelela ukugcwaneka kwakhe ekhasini lakhe futhi akahlangene nepolitiki. Wabe esemxwayisa ngokuthi angaphinde agxambukele enkulumeni yakhe ngoba uma eke waphinda uzowukhomba umuzi onotshwala kwazise naye unezakhe ezimxakile.
ULerato kuze kwalalwa ebalise njalo ethi akazi usatshiselwani, nabantu belokhu bemgxeka njalo ngokuba umacaphuna kusale ongenazwelo.
"Isono sami ukuthi ngiwumuntu wesifazane. Angazi kungani ngisatshiswa," kubhala uLerato ekhasini lakhe kwiTwitter.