USteve (62), ushone ngoLwesine esibhedlela iPietersburg Provincial Hospital, eLimpopo, emuva kokugula.
Umculi wokholo ophinde abe ngumlingisi uMphoza Mashabela nonguSihlalo weLimpopo Artist Movement ekhuluma enkonzweni yokukhumbula uSteve izolo unxuse uNdunankulu wesifundazwe uStan Mathabatha ukuthi kuhlonishwe uKekana.
Uthe bafuna ukuthi kube khona ihholo eliqanjwa ngegama lakhe.
"Sifuna ukuthi uma uthi ubuza iciko ukuthi liyaphi lithi lisaya ehholo iDkt Steve Kekana," kusho uMphoza.
Ubuye wachaza uSteve njengomuntu obezithobile futhi obewuhlonipha umsebenzi wakhe.
Inkonzo yesikhumbuzo ebisePolokwane Library Gadens Auditorium ibisakazwa bukhoma kwi-YouTube, bekuvumeleke ukuthi kungene idlanzana labantu ngenxa yemigomo yokunqanda ukubhebhetheka kweCorona.
Uzakwabo emculweni uJoe Nina obekhuluma ngeSkype uthe naye uzokwenza isiqiniseko sokuthi igama likaSteve alishabalali ngoba "ngilapho engikhona nje kungenxa yakho".
"Silahlekelwe, ngifuna ukumkhumbula ngomculo, ngephimbo lakhe elihle nangomqondo wakhe okhaliphile. Ngiphatheke kabi kakhulu kodwa ngingcono kunangosuku engezwa ngalo ukuthi akasekho," kusho uJoe.
Umbhali wencwadi ekhuluma ngempilo kaSteve iThe I in Me, uSydney Maluleke uthe wayefuna ngakho konke (uSteve) ukushiya ebhale le ncwadi.
"Kunesikhathi lapho esingakhulumanga khona izinyanga ezintathu wangifonela wathi, "Ufuna ngife ungakayiqedi leyo ncwadi?" Sagcina siyiqedile ngo-2019."
Uthe incwadi wayefuna ukuyibhala ayishiye njengento azokhonjulwa ngayo.
"Wayefuna nokuhlonishwa ngeziqu zobudokotela. Saqala sabhala izicelo zokuthi ahlonishwe. Wathi uma kungesiyona i-Unisa ufuna kube yiWits noma i-UCT (Nyuvesi yaseKapa) ngenhlanhla i-Unisa yaphendula. Ngigcina ukumbona wayethweswa lezo ziqu kunomuzwa wenjabulo. Ngisele naleso sithombe."