AMACIKO aKwaZulu-Natal asephakamise ukuthi makuvulwe okungenani u50% wezindawo zokungcebeleka, benze imicimbi yobumnandi ukuze nabo bakwazi ukuphila baphinde bondle imindeni yabo.
Izolo, amaciko asabise ngokwenza okungaphezu ngesikhathi evala uthelawayeka womgwaqo uN3 ngoSepthemba nyakenye, ekhala ngokungasebenzi ngesikhathi somvalelandlini.
Kulokhu athi uma uhulumeni engasibuyekezi isinqumo sokuvalwa kwemicimbi, azokwenza okukhulu kunakwenza nyakenye.
NgeSonto, uMengameli uCyril Ramaphosa, umemezele ukuthi kumele izindawo zobumnandi zivalwe, bungadayiswa utshwala futhi ingabi khona imibuthano yobumnandi ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
Lesi simemezelo kasehlanga kahle emacikweni aKwaZulu-Natal. Ngonyaka odlule, amaciko amisa iloli elinesiteji phakathi nomgwaqo uN3 enza umcimbi owaphazamisa ukuhamba kwezimoto. Lokhu akwenza ngaphandle kwemvume. Amaciko ayekhala ngokuthi kumele kuvulwe izindawo zobumnandi nemicimbi ukuze asebenze. Kwaboshwa amaciko alinganiselwa ku-30 kodwa icala labuye lahoxiswa.
Usihlalo womfelandawonye wezinyunyana zamaciko iCultural & Creative Industries Federation of South Africa eKZN, uThokozani "T'zozo" Zulu, uthe bayashayeka ngokuvalwa kwezwe.
"Ngonyaka odlule, asitshelanga muntu sivala uN3 kodwa manje ngiyaphahluka, kukhulu esizokwenza. Sithi thina akungavalwa thaqa kodwa akuvulwe noma u-50% wezindawo. Akuphuthunyiswe uhlelo lokugoma, nathi sizimisele njengamaciko ukuze sizosebenza kahle. Uma kungenzeki konke lokhu, akukhishwe imali yokuthi senze imicimbi ya-online," kusho uT'zozo.
Uthe behlelwe wumshophi ngoba bese beqalile ukusebenza yize isimo besingakabuyeli kwesijwayelekile futhi baningi abebebasiza.
"Ukuhlupheka kwamaciko akusoze kwaphela. Sizophathwa wukhwantalala futhi sizozibulala. Ihhovisi labantu abasha kuMasipala weTheku neDurban Tourism bese beqale izinhlelo zokusiza amaciko. Ngempelasonto nje, maningi amaciko ahlomulile eqashwa emicimbini eyandulela iDurban July. Bekunezinhlelo zokuhlomulisa namanye kodwa yonke le nto imile. Konakele kakhulu," kusho yena.