OWAYENGUMDLALI weBafana Bafana ne-Kaizer Chiefs, uReneilwe "Yeye" Letsholonyane, uthe umangele ngezimanga azenze ekhishini epheka ukudla okushiye amajaji ebambe ongenzansi.
ULetsholonyane ubekhuluma neSolezwe, eKapa, ngoLwesihlanu, kwethulwa uhlelo i-MasterChef South Africa: Celebrity.
Lolu hlelo lubophele osaziwayo okukhona kubo uDineo Ranaka, Holly Rey, Ayanda Thabethe, Seth Shezi, Bohang Moeko, Mzukisi Mbane nabanye.
Luqale ukukhonjiswa kwi-S3 ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
Luzobonakala kulesi siteshi iziqephu eziyisithupha kuphela njengoba lungenye yezindlela zokugubha amaholidi kaKhisimusi.
“Ibhola yilona engilithanda ukudlula noma yini enye engingayenza. Kodwa ngithathe ithuba elifana naleli ukuze ngizijabulise nami futhi ngibonise nabalandeli bami ukuthi angigcini ngokuba sebholeni, kodwa amanye amathuba uma evela ngiyawasebenzisa.
“Ngesikhathi ngithola ucingo lokuba yingxenye yohlelo, angivumanga ngaleso sikhathi, ngathatha isikhathi okwathi uma sengicabange kahle, ngabatshela ukuthi ngingalithakasela leli thuba.”
Uveze ukuthi isinqumo sokujoyina uhlelo usithathiswe nawukuthi ujwayele ukusondela ezimbizeni uma udadewabo ongumpheki eshaya ibhodwe ekhaya.
“Nizobona ohlelweni, akukho lapho amajaji abengakuncomi khona ukudla kwami. Ngifisa wonke umuntu ongumlandeli wami alujabulele lolu hlelo, ngiyabonga kozakwethu esibambisane nabo,” kuchaza yena.
Kwezithinta ibhola, uYeye uthe usethimbeni elisiza izikwati ezincane zeNingizimu Afrika futhi kukhona amanye amaqembu amancane asebenza nawo uma emdinga.