USAZIWAYO waseThekwini uMinenhle Dlamini odume ngelikaMinnie, uthi ngeke akuthathe kabi okuzoshiwo kuye ngabanye osaziwayo uma sebemchukuluza ohlelweni iThe Roast Of Minnie Dlamini.
AbeShowmax baveze ukuthi bazokhombisa isiqephu sohlelo ngo-Ephreli 26 kodwa lona luzoqoshwa ngo-Ephreli 5, eSandton Convention Centre.
Ekhuluma ngokuthola ithuba elifana naleli uMinnie, uveze ukuthi unyaka odlule uwuqede ejabule njengoba ebenza uhlelo iCurated kuMzansi Magic.
“Izinkulumo ezihlukene abantu akade bezikhuluma ngami nabangazazi iqiniso lazo bazothola izimpendulo zalokhu okungekhona okwavela.
Ngalolu hlelo ngifuna ukubuyisa isithunzi sami nokunye okuhlukene okwenzekile ngami nokuvelile emphakathini. Ukuba yingxenye yalolu hlelo kimi kuzoba yinjabulo kuphela, ngeke ngikuthathe kabi konke abazokusho kimi futhi akukho okuzongicasula,” kuchaza yena.
Uthe okunye ngokuba sohlelweni wukugubha impilo yakhe nendima akuyo.
“Mina-ke ukuhleka yinto engiyithandayo. Ngakho ngizojabula kulolu hlelo futhi ngiyathemba ukuthi abantu abazothola ithuba lokuba bazojabula nami kulapheke bonke ubuhlungu ababuzwayo,” kuphetha yena.
AbeShowmax baveze ukuthi uhlelo luzohambisana nomcimbi wamahlaya iThe Laugh Africa Comedy Festival ozoqala ngo-Ephreli 5 kuya ku-7 khona eSandton.
Kulo mcimbi baveze ukuthi kuzobe kukhona osomahlaya abangu-50, abazobe besho amahlaya abo ngezilimi ezintathu zakuleli.
Kosomahlaya abazobe bekhona kubalwa u-Eugene Khoza, Conrad Koch noChester Missing, Jam Jam The Comedian noMel Jones.
ILaugh Africa ithembise ukuthi uhlelo lukaMinnie luzoba ngolunye oluzoba ngundabamlonyeni ngezinto ezizobe zibonakala kulo.