LUZOQALA ukukhonjiswa ngo-6.30 ebusuku ngoMgqibelo, esiteshini sethelevishini iS3, uhlelo iTropika Island of Treasure, okuboshelwe osaziwayo nabakuleli abazoqhudelana nabo.
Uhlelo oluqoshelwe eSt Lucia, enyakatho neKwaZulu- Natal, kulindeleke ukuthi kubonakale osaziwayo abake balungenela phambilini bencintisanela umklomelo ofika kuR1.2million.
Phakathi kosaziwayo abazobonakala beshaya ibuya kubalwa uShashi Naidoo, Nay Maps, Khanya Mkangisa, Roxy Louw, Maurice Paige, Jonathan Boynton-Lee, Karlien van Jaarsveld noBrendan Peyper.
UCaroline Phalakatshela weSABC, uthe osaziwayo bakulindele ngabomvu ukubuyela ohlelweni bahlangane nabantu abasha abazozama inhlanhla.
“Kuzobonakala osaziwayo abayisishiyagalombili ngakho kuvulwe ithuba kubantu abasha abayisishiyagalombili abazohlangana nabo, bese osaziwayo ngandlela thizeni bakhethe oyedwa babe ngophathina, abazosebenzisana kuze kube sekugcineni.
“Usaziwayo nalo amkhethile bazohlukaniselana imiklomelo yonke ebekiwe ohlelweni. Uhlelo sikhethe ukuluqopha kuleli ngoba bekusenezinkinga zeCovid 19 manje konke sekubuyele esimweni izinhlelo zokuluqopha phesheya sozibona ngonyaka ozayo,” kuchaza uCaroline.
Uhlelo luzoba nomethuli omusha u-Anga Makubalo, odume ngelikaNaakMusiQ. Phambilini belethulwa nguKatlego Maboe.