OSAZIWAYO okukhona kubo umsakazi weMetro FM uDJ Sabby, uBontle Modiselle, uDr Tumi, Zwai Bala noBuhlebendalo, yibona abazoba ngamajaji ohlelweni lwamakhwaya olukhuza ibuya i-Clash of the Choirs.
Lolu hlelo oluzokhonjiswa kuMzansi Magic (161), lukhuza ibuya kusuka ngeSonto elizayo ngo-6, ntambama.
Ababhidisi nabo abangabaculi abadumile kuleli, bazobonakala bethungatha intsha enamakhono emculweni nabazoyihlanganisa ukuze ibe sekhwayeni ezomela isifundazwe ngasinye.
Izifundazwe zizoqhudelana kulolu hlelo nokuyothi ozodla umhlanganiso akhale amuke nemali enguR1 million nekhwaya yakhe.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal ikhwaya yakhona izobhidiswa umculi kamaskandi uNtencane owazakhela udumo ngokuhlukanisa unyaka kuKhozi FM ngengoma ethi Wawuthembeni ngo-2019.
Kulolu hlelo uzodlana imilala ekubhidiseni nabaculi abanjengoPrince Kaybee (Gauteng), Lady Du (Eastern London), Vusi Nova (Western Cape), Hle (Limpopo), Langa-Mavuso (Northern Cape), Zaza Mokhethi (Free State), Khanyisa Cajeni (Mpumalanga) noStoan ozobe ehamba nekhwaya laseNorth West.
UNtencane enkuluma neSolezwe, uthe waqala wanqaba ukubamba iqhaza kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi kwakuyinto ayengayiqondi ukuthi yenzeka kanjani.
"Kwaze kwaba bayangichazela kahle ukuthi yinto ekanjani, ngabe sengiyayemukela inselelo yabo ngoba umculo yinto engiphila ngayo futhi zikhona ezinye izinto engizaziyo ngomculo ngaphandle kokucula umaskandi."
Uthe kusho lukhulu kuye ukubamba iqhaza kulo mncintiswano ngenxa yomlando wawo ngabantu asebeke baba yingxenye yawo. UNtencane uthe kube yinhlanhla ukuthi akwazi ukukhetha isifundazwe adabuka kuso iKwaZulu-Natal.
"Yingoba ninikezwa amaphepha ebhekiswe phansi bese bethi khetha iphepha libheke phansi. Uma sewulithintile bayaliphendula bese kuvela isifundazwe osikhethile. Ngenhlanhla mina ngikhethe iKZN."
Uthe uselikhethile ithimba labaculi azokwakha ngalo ikhwaya ezomela iKwaZulu-Natal emncintiswaneni ozoqala ukubonakala ngeSonto.
UShirley Adonisi wakaM-Net, uthe bajabule ngokubuya kwalolu hlelo obesekunesikhathi lungabonakali kwithelevishini.