KUZOSETSHENZISWA ubuciko obehlukene ukukhuthaza asebephonse ithawula lokuvuseleleka kabusha kwezothando, kuthi abanabantu abathandana nabo bakhuthazwe ukuphatha kahle izithandwa zabo.
Lokho kushiwo nguLinda Gcwensa echaza ngomcimbi awuhlelayo, iLove & Soul, ozoba seBat Centre, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Enaba ngalo mcimbi osukhuza ibuya okwesibili nonyaka, kulandela ukwenziwa kwawo okokuqala ngo-2019, uLinda uthe ikhefu leminyaka emithathu engawenzi limnike isikhathi sokuqhamuka namacebo okuwenza uhlabahlose.
“Ngifuna ukujabulisa abantu abakholelwa othandweni nasebephonse ithawula kulona, sibakhuthaze ukukholelwa kulona ngoba luyinto enhle.
“Abantu bazothola ithuba lokungibuka ngicula bukhoma okuyinto osekunesikhathi eside beyicela kodwa ingenzeki,” kuchaza uLinda.
Uqinisekise ukuthi emcimbini kuzonandisa uPhindi P woKhozi FM, Lungelo Hlongwane, uMr Music, wodumo lwama-Idols, yimbongi uZamoh Cofi, Scelo Mncube wezinkulumo ezakhayo nosomahlaya, Church Boy, oyobe ephethe uhlelo.
“Ngihlanganise la maciko emikhakha eyahlukene ngoba ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu baphuma begculisekile emcimbini,” kusho uLinda wodumo lwengoma ethi Ngamthand’ Umuntu.
Ephetha, unxuse abantu ukuba bafike ngobuningi babo emcimbini, wathi umcimbi uvuleleke kuwo wonke umuntu; abadala nabancane.
Amathikithi omcimbi ayatholakala eWebtickets futhi azotholakala nasemnyango ngosuku lomcimbi.