ISIKHUNGO esinomlando wokupheka amaciko asevelele kwezokungcebeleka, iKCap, izogubha iminyaka engu-30 yasungulwa.
Lokhu kuvezwe yimenenja yaso, uThobile Ximba, ethe kuzoba nesidlo esikhethekile sokubungaza lokhu ehhotela iRadisson Blue, eMhlanga, ngoNovemba 30 bese silandelwa yindumezulu yomcimbi lapho amaciko azobe enandisa kusona lesi sikhungo ngoDisemba 1.
Uthe kumenywe izikhulu zikahulumeni nabaxhasi balesi sikhungo ukuze sikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokupheka amaciko.
“Njengoba isikhungo sibhaliswe njengenhlangano engenzi nzuzo, siphila ngeminikelo ephuma ezinhlakeni ezehlukene. Iminyaka engu-30 sikhona isho lukhulu njengoba namanje sisaqhubeka nokukhiqiza amaciko agcina evelele emkhakheni wezokulingisa. Kubalingisi abaphekwe yilesi sikhungo singabala uLucky Simayile obekwiShaka Ilembe, uVelile Makhoba odlala kwiCala, Angel Zuma odlala kuMkhokha: The Curse, Gugu Mzobe ogqame kwiMbewu: The Seed, uNtokozo Vilakazi no-Aphiwe Bhengu abagqame emdlalweni woMzansi Magic, UZulu noMhlaba. Kwabadala singabala oSamke Mkhize, Pretty Ncayiyane, Thobani Nzuza nabanye abaningi,” kusho uThobile.
Minyaka yonke kulesi sikhungo kunemincintiswano yakhona okugcina kuphume abalingisi, abaculi nabadansi abavelele kuyona. Phakathi kwayo singabala iShashalazi Women’s Theatre esineminyaka engu-16 ikhona, Isigcawu Theatre Festival esineminyaka engu-20, Insika Festival of Men eneminyaka eyisikhombisa ikhona neKAFF esineminyaka engu-20.
Kukhona ne-Incubator Mentorship Programme okuyiyona esetshenziswa ukupheka amaciko agcina evelele emikhakheni eyahlukene kwezikaqedisizungu.
Njengoba isidlo sokubungaza sizoba seRadisson Blue kungenxa yokuthi lesi sikhungo sesisebenza ngokubambisana naleli hhotela eliphambili eMhlanga.