INTSHA esanda kungena emkhakheni wokulingisa iyona egqame kakhulu ngesikhathi kunomcimbi wezindondo ama-10th Simon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards.
Lo mcimbi obubanjelwe eThekwini, e-ICC, bekuhlonishwa kuwo abalingisi nabasunguli bamafilimu amancane KwaZulu-Natal.
Uhlelo beluphethwe uMinnie Dlamini noSphesihle Vazi, kanti bekukhona abalingisi oSdumo Mtshali, Baby Cele, Thembi Nyandeni nabanye abahlonishwe ngezindondo ngezindawo abazilingisa emidlalweni ehlukene.
Kodwa okunye okugqamile kulo mcimbi ukuhlonishwa kwabalingisi abagqame emidlalweni okukhona kuyo iDurban Gen, Uzalo neThe River, nabasanda kungena kulo mkhakha.
Kulaba balingisi kubalwa uNompilo Maphumulo ozakhele igama emdlalweni Uzalo, nathole indondo yeBest Actress ngayo.
UFanele Zulu oqale ukubonakala kwiDurban Gen yena uthole indondo yeBest Actor-Film kanjalo noSibongokuhle Nkosi oqale ukugqama kuDurban Gen uhlonishwe ngendondo yeBest Actress-Film.
Umlingisi ogqame emdlalweni iThe River, uVuyo Biyela uhlonishwe ngendondo yeBest Newcomer Actor.
Kumafilimu amancane iValley of a Thousand Hills igile izimanga njengoba ikhale yemuka nezindondo eziyisikhombisa.
Izinkakha zabalingisi okukhona kuzo uRuth Cele, Roland Mqwebu abangasekho noThembi Mtshali-Jones, bahlonishwe ngezindondo zeLifetime Achievers.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ukuVakasha nezeMvelo, KwaZulu Natal, uMnuz Siboniso Duma, uveze ukuthi abahleli balo mcimbi, iKwaZulu-Natal Film Commission (KZNFILM), idlala indima enkulu ekuqaleni amathuba omsebenzi ngamafilimu abawenzayo.
UVictor Senna weKwaZulu-Natal Film Commission uthe lo mcimbi uveza ikhono elikhona kulesi sifundazwe negalelo elikhulu elenziwe amafilimu amancane enziwa kulesi sifundazwe.
Abanye abahlabane kulo mcimbi ilaba:
Best Made for TV Film Winner: Ukhumbuzile
Best Micro Budget Film Winner: Umalusi
Best Documentary – Feature Winner: Maskanda & Professor
Best Documentary – Short Winner: Amandla Embokodo
Best Short Film Winner: Indoda
Best Supporting Actor – TV Winner: Mthandeni Mbambo as Sibiya in Durban Gen