KUTHINTE izinhlaka ezehlukene ukudlula emhlabeni kweciko lakuleli ebeselizakhele igama ngisho emazweni aphesheya kwezilwandle uMbongeni Ngema (68).
UMbongeni, owazalelwa eVerulam eThekwini, kuvele izindaba zokuthi udlule emhlabeni engozini yemoto eyenzeke ngoLwesithathu, ntambama ephuma emngcwabeni eLusikisiki.
Kule ngozi eyenzeke emgwaqweni uR61, kuvela ukuthi uMbongeni ubehamba nabanye besilisa ababili abasesimeni esibi esibhedlela.
UMbongeni yena ushone ngemuva kokungeniswa khona esibhedlela elimele kabi.
Osopolitiki, amaciko asebenze nawo emkhakheni wokulingisa, nabantu bakuleli badlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaNgema ngefu elimnyama eliwugubuzele.
I-EFF ithe iyakhalisana kakhulu nomndeni wakwaNgema, njengoba uMbongeni ebe yiciko elenze omkhulu umehluko entsheni yakuleli uma kuza emkhakheni wokulingisa nemidanso yasesiteji.
“Ushiye umsizilo kuleli, uyohlala ekhumbuleka ngemidlalo nangezingoma azenzile. Ngeke size siyilibale into ayenze entsheni yakuleli abenza nayo imidlalo ehlukene,” kuchaza isitatimende se-EFF.
I-ANC ithe uMbongeni ubeyiciko elihlonishwa umhlaba wonke ngakho ukudlula kwakhe emhlabeni kuthinte abaningi.
Wenze omkhulu umsebenzi ebhala imidlalo ehlukene, waqopha izingoma naye waba ngumculi ikakhulukazi emidlalweni okukhona kuyo iSarafina neWoza Albert, ngakho ube negalelo elikhulu kuleli. Ubuciko bakhe bebuhambisana nezikhathi zobandlululo futhi elwa nokucwaswa kwabantu abamnyama. Ngalesi sikhathi simi nomndeni wakwaNgema futhi sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.
Umlingisi uSello Maake kaNcube uthe uMbongeni uphile isikhathi esincane kodwa futhi ube mkhulu umsebenzi awenze kuleli.
Uthe kumphathe kabuhlungu ukudlula kukaMbongeni abembiza ngoMadlokovu.
Omunye umlingisi uSandile Dlamini, uthe uMbongeni uqale ukumazi ngo-1986, efika kubo ezolanda odadewabo ababili ayeyolingisa nabo kwiSarafina.
“Ngemuva kweminyaka emibili ngabalandela nami ngaba yingxenye yeSarafina sahamba amazwe ahlukene. Ube yiqhawe usebenzile kakhulu kuleli siyohlala simkhumbula,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ubehamba naye kodwa yena ekwenye imoto ngesikhathi beya emngcwabeni.
UMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa uthe uyakhalisana kakhulu nomndeni wakwaNgema obeyiciko elisebenze kakhulu hhayi nje kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe.
“Uqambe imidlalo ehlukene eminingi kuleli neyenze omkhulu umehluko entsheni, sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula,” kuchaza yena.
Umsakazi uPutco Mafani uthe uMbongeni ubeyiqhawe endimeni yomculo hhayi kuleli kuphela kodwa emhlabeni wonke.
UNdunankulu waseKZN uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe uzokhunjulwa ngemidlalo ayididiyele.
Uthe akagcinanga nje ngokuqwashisa abantu bakuleli ngepolitiki esebenzisa ubuciko bakhe ngesikhathi sobandlululo kodwa wayidlulisela emhlabeni wonke indaba yabantu bakuleli abacindezelwe.