KUBIKWA ukuthi bashiye ngezizathu ezahlukene abalingisi abathathu abesebezakhele igama emdlalweni iScandal ku-e.tv., okhonjiswa ngo-7.30 ebusuku phakathi nezinsuku.
UMelusi Mbhele obelingisa indawo kaJojo, uMathews Rantsoma (Nhlamulo), noLerato Nxumalo (Phakamile), bazoshiya ngokwehlukana emdlalweni.
Abesiteshi sethelevishini i-e.tv badalula ukuthi basebenze kahle nabalingisi abahambayo futhi babafisela okuhle ngoba bebe nesikhathi esihle nabo.
UBennum Van Jaarsveld waka-e.tv, uveze ukuthi akukho okubi okunqamule ubudlelwane babo nabalingisi futhi bebeke izizathu zabo ezihlukene zokushiya base beyabadedela.
“UMelusi uvelelwe amanye amathuba, wacela ukuba adedelwe kulo mdlalo. Siyalibonga ithuba abe nalo nathi kulo mdlalo. Siyambonga ngomsebenzi awenzile futhi siyohlala sinenkumbulo ezihlukene ngendawo kaJojo akade eyilingisa,” kusho abakwa-e.tv.
Baveze ukuthi uMathews Rantsoma uzohamba ekupheleni kukaJulayi kanti ukhethe ukunqamula inkontileka yakhe yokusebenza kuwo.
“UMatthews uze kithi wazositshela ukuthi kukhona amadlelo aluhlaza afuna ukuya kuwo ngakho ufuna ukushiya kulo mdlalo. Ababhali bawo nesiteshi sivumelene nesinqumo sakhe sakhetha ukuthi simkhulule. Simfisela konke okuhle endleleni yakhe entsha kodwa okwamanje usazoqhubeka nokubonakala kulo mdlalo,” kuchaza uBennum.
ULerato baveze ukuthi ukuphela kwendawo ayilingisayo yikhona okuholele ekutheni ashiye kulo mdlalo. Bathe okwamanje abekho abalingisi abasha abazobethula njengoba kushiya laba.
Kwenzeka lokhu nje uLerato usanda kukhala ezinkundleni zokuxhumana ethi akasebenzi futhi kunzima ukuthi avuke ekuseni ngoba ekazi ukuthi enzeni. Ube esetshela abalandeli bakhe ukuthi usanda kuthola imvume yokuthi ayohlala emazweni aphesheya futhi asebenze kuwo.