AMAPHOYISA ase-Eastern Cape aphenya ngengozi edlule nomphefumulo wenkakha emkhakheni wezeshashalazi, uMbongeni Ngema (68).
UMbongeni udlule emhlabeni ngoLwesithathu ntambama ephuma emngcwabeni e-Eastern Cape.
Kule ngozi, eyenzeke endaweni yaseMbizana, kuvela ukuthi uNgema ubehamba nabantu ababili abasesimweni esibi esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, uLieutenant-Colonel Siphokazi Mawisa, uveze ukuthi le ngozi yenzeke ngezithuba zehora lesine ntambama.
“Amaphoyisa azwe ngale ngozi emgwaqweni uR61 phakathi kweMbizana naseMagusheni. Ngesikhathi efika khona abantu abathathu okuhlanganisa nomshayeli bebesesimweni esibi kakhulu njengoba imoto abebehamba ngayo iRenault emhlophe ishayisane neloli, bona behamba ngeRenault emhlophe. Bobathathu laba baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uLt-Col Mawisa.
Uveze ukuthi uMbongeni ushone befika esibhedlela ngenxa yokulimala kabi.
Uthe laba abanye ababili basesibhedlela kanti imbangela yengozi isaphenywa.