USEVEZE ukuthi ngeke abe yingxenye yesizini entsha yohlelo iThe Real Housewives of Durban, uMaBusi Seme, obevela kulolu hlelo kwisizini yokuqala neyesibili.
Isizini yesithathu yalo mdlalo izoqala kwiShowmax, ngoFebhuwari 1.
Esitatimendeni asifake ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumana i-Instagram, uMaBusi uveze ukuthi ngeke abe khona kwisizini entsha.
“Ngebhadi ngeke ngibe yingxenye yale sizini entsha ezoqala. Inkampani eqopha lolu hlelo iLet it Rain Films ingitshele ukuthi ibona sengathi kule sizini entsha ngeke ize iqophe nami.
Badlulise ukubonga ngokuzinikela kwami kulawa masizini amabili edlule futhi base bengifisela okuhle. Nami ngiyayibonga kakhulu le nkampani ngethuba enginike lona. Ngifisela konke okuhle abesifazane abasha nababuyayo abazobonakala futhi sengikubheke ngabomvu ukubona umsebenzi wenu. Ngibonga nabalandeli bami abahambe nami kulolu hlelo beqala ukungibona kuze kube manje,” kusho uMaBusi.
Uthe uyabonga nakubaphathi beShowmax ngethuba abamnike lona futhi uyazi ukuthi kukhona lapho abasazophinde basebenzisane khona.
“Ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu kulolu hlelo futhi namanje angingabazi ukuthi luzoqhubeka nokujabulisa ababukeli balo. Ngiyathemba ukuthi kukhona intsha engibe yisibonelo esihle kuyona nefuna ukungena kulo mkhakha wethelevishini,” kuchaza yena.
UMaBusi akuyena owesifazane wokuqala ukuchithwa kulolu hlelo njengona uLondie London, LaChonco noMaKhumalo bengabuyanga kulona.
Isolezwe lithole ukuthi omunye wesifazane ozojoyina abasha asebemenyezelwe nguSanelisiwe Bhengu odume ngelikaSanesh.
Abanye abasha abajoyinile kubalwa uMaria Valaskatzis, Mbali Ngiba noSlindile Wendy Ndlovu.