AYAPHELA amaphupho ababanga uR100 000 noR50 000 kwiKhuphuka Nezakho Sibone Inkunzi Music Festival ngalo Mgqibelo.
Abaculi abaqhudelanayo bahlukaniswe kwabili njengoba kukhona uGroup A, okuyibo ababekelwe isamba sikaR100 000 kanjalo noGroup B ababanga uR50 000.
Lezi zinsizwa zizobe zitholene phezulu ezinkundleni zemidlalo zaseCurries Fountain Stadium, eThekwini.
Kubaculi abadlana imilala kuGroup A kubalwa uSbonelelo "Ithwasa Lekhansela" Majola waseMid Illovo, uKhuzani "Gatsheni" Ndlovu wasoPhongolo, uKhawulani "Njoko" Mkhwane waseNkandla, uKhayelihle "Potso" Ngobese waseMnambithi.
Abanye uMphile "Sminofu" Gumede waKwaHlabisa, uSbusiso "Bahubhe" Mkhize waseJolivet, Sphesihle "Ithole Lendidane" Gcwensa waseMsinga, uBonabenza "Mdumazi" Mhlongo waseMtubatuba, uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini, uSeluleko "Dumakahle" Nkosi ukubala abambalwa.
Kwabaqhudelana kuGroup B kubalwa uMlabalaba Khumalo, uMenzi Mabizela noLimit Nala.
Laba baculi bazoshiyelana inkundla noKhuzani, Ntencane, Dr Khangelani, Saliwa, Dr Buselaphi, Jaiva Zimnike, Mzukulu, AmaYellowbone, Omacekeceke, Mashelela, Luve Dubazane, Sikweletu, Ezechalaha, Ojikelele G, Mjabulisi nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe nguBingelela Mpanza, uMdonso Ngcobo boKhozi FM noMashudula Shezi.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uLungelo "Ngelo V" Vilane, uthe amathikithi asatholakala eComputicket nasezitolo zakwaShoprite, Checkers nase-U Save ngoR200, R650 nangoR900.