UMCULI kamaskandi Igcokama Elisha, uthi kumsizile ukuphuma ezimpini zikamaskandi wagxila ekushayeni ingoma.
Izolo bekuphayiza amabhodi emehlweni omhlaba ingoma yalo mculi, apike kuyo uLwah Ndlunkulu, iParis ikhonjiswa kuma-Billboards eTime Square, eMelika, ukuthi isinama-streams angu-3.1 million kuSpotify. Kuthiwa ingenye yezingoma ezihamba phambili emhlabeni ngokuthandwa kulezi zinsuku.
Kuthintwa Igcokama ngalezi zindaba lithe lihluleka ngisho ukuzibamba yinjabulo ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Lithe lalingakaze lizitshele ukuthi ngelinye ilanga lingavela kuma-Billboards phesheya kwezilwandle ngenxa yomculo walo.
“Kulo nyaka ngithathe isinqumo sokuthi ngiphume ezimpini zomaskandi. Bengisafuna ukuzithola kahle ukuthi uNkulunkulu ungiletheleni la emhlabeni ngaphandle kokugqanyiswa yizimpi zomculo. Ngempela ungikhombisile angilethele khona. Empeleni izimpi zomculo bezingiphindisela emuva futhi sengiyabona ukuthi yizona ezingibambezele kakhulu,” kusho Igcokama Elisha.
Lithe kungokokuqala liba nengoma eduma naphesheya kwezilwandle futhi lisalindele lukhulu ngomculo walo obukeka wenza kahle. Naku-Youtube iParis inama-views angu-6.5 million ekubeni isenezinyanga ezintathu iphumile. Kumaskandi ilandela eyoShwi Nomtekhala ethi Ngafa eno-8 million views emva kweminyaka engu-11 yaphuma.
Lichaza Igcokama lithe konke lokhu okwenzekayo belingakulindele, kuzenzekele. Ekuhlukaniseni unyaka ngale ngoma, lithe lingakujabulela kakhulu ukuthi kwenzeke lokho kodwa akuyona into eliyibeke emqondweni kakhulu.
“Inkinga uma ngiveza izifiso zami, kunabantu abangazama ngakho konke ukuthi zingafezeki. Omunye angadayisa ngisho nezinkomo ngoba efuna ukuvotela eyakhe ingoma ukuze idlule yami. Manje kule yikho ngingakuvezi engikufisayo, ngithandazela ukuthi umsebenzi ulokhu uqhubekile nje,” kusho lo mculi.
Uthe nale ethi: Umubi Kamnandi, iza kahle uyabona ukuthi iphutha alenzile ukungaziniki isikhathi sokuthi ayinake ngokuyimaketha.