Kunyukile ukudlalwa kwezingoma zikaZahara emsakazweni emva kokuvela kwezindaba zokudlula kwakhe ngesonto eledlule.
UZahara ushone ngoDisemba 11 ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngoNovemba ekhala ngezinhlungu emzimbeni.
Ngokwezibalo zenkampani ebheka ukudlalwa kwezingoma emsakazweni nakuthelevishini, iRadio Monitor South Africa, umculo kaZahara ungeminye yedlalwe kakhulu phakathi kukaDisemba 8 noDisemba 14.
Emsakazweni iculo uLoliwe kaZahara isendaweni yesine ezingomeni ezidlalwa kakhulu emsakazweni.
Endaweni yokuqala kukhona iWater kaTyla, ilandelwe yiPlan kaDlala Thukzin apike kuyo uSykes noZaba, yiTeka yeMalumz on Decks bese kuba yiLoliwe.
Umengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko kuzwelonke, iCultural and Creative Industries. Federation of South Africa (Ccifsa), uJoy Mbewana, uthe bayafisa ukuthi umculo udlalwe kakhulu umuntu esaphila ukuze ezothola inkece.
“Izinkinga abe nazo bezingagwemeka ngoba ubezothola ama-royalties (imali engena ngokudlalwa komculo emsakazweni). Siyazi ukuthi umuntu uzodlalwa kakhulu uma engasekho ukugubha impilo yakhe nokukhumbuza abantu kodwa siyafisa ukuthi wande umculo wakuleli emsakazweni. Asisho ukuthi owangaphandle awungadlalwa kodwa u-90% akube ngowasekhaya. Lapho ngeke abaculi bazithole benokhwantalala beze behlelwe yisithunzi sokucela imali kubantu,” kusho uJoy.
Uthe abaculi abathandwe besaphila, ikakhulukazi nayiziteshi zomphakathi okuyizo okumele zibadlale kakhulu.