UKWETHULWA komkhankaso wezinto ezingu-101 ongazenza uma uhambele iWild Coast Sun ePort Edward, e-Eastern Cape ngeledlule, kuwumzamo wokudweba isithombe sokuthi indawo ayiyona eyokugembula kuphela kodwa eyokungcebeleka.
Oyisikhulu esiphezulu kule ndawo, uMnuz Peter Tshidi uthe kuyabakhathaza ukwazi ukuthi abantu abaningi bathatha indawo njengeyokugembula kuphela.
“Singaphezulu kwendawo yokugembula, siyindawo yezokuvakasha. Sinenqwaba yezinto izivakashi ezingazenza. Abantu abaningi abakwazi lokhu. Sibone sesifikile isikhathi sokuthi sibazise ukuthi sinezinto ezingu-101 abangazenza uma behambele iWild Coast Sun nasezindaweni eziyakhele,” kuchaza uTshidi.
Wenze isibonelo ngePetrifying Forest Walk, wathi ingenziwa yinoma ngubani ofuna ukupholisa ikhanda, ngale kokuthi aze akhiphe imali ephaketheni.
Uqhube wathi okuhle ngalolu hambo olugudla ulwandle ngakolunye uhlangothi, ngakolunye kube khona imigede, lunomlando.
“Kwaze kwaqoshwa ngisho nezinye izingxenye zefilimi iBlack Diamonds,” kusho uTshidi.
Uqhube wathi lokhu akusikho kodwa kukhona nezinye izinto njengogitshelwa kwamahhashi esihlabathini solwandle, iWater Park nemidlalo ehlukene yamanzi, ukugitshelwa kwezikebhe, iSkypark, iGeorge Swing, iGame Drive eLake Eland, Ziplines, Suspension Bridge nokunye.
Uthe banakho konke okudingwa yizivakashi ezihamba ngazodwa, izithandani, imindeni, abangani nezinkampani ezifuna ukuzokwenza izingqungquthela endaweni epholile.
Uqhube wathi okunye abakwenzayo ukwakha ubudlelwano obunempilo phakathi kwendawo nezivakashi.
Ubalule ukuthi into ebisaqhubeka nokubanika inkinga indaba yokucishwakonga kukagesi.
“Ngezinye izinyanga ukusetshenziswa kukadizili kwethu bekudla imali ephakathi kukaR2,5 million kuya kuR3 million ngenyanga. Yonke lento ikwehla ngaphezulu ngoba usuke ungayihlelele. Uma uzochitha uR3 milion kudizili, kufanele wenze inzuzo engaphezu kukaR7 million okungenani, “ kusho yena.
Uthe okubuhlungu ukuthi yize bebekhokha imali eshisiwe kadizili kodwa nebhili kagesi ibingehli wathi ngoba kusamisiwe ukucishwa konga kukagesi, ufisa kungabe kusabuyiswa.
“Besishawa ngemfe ephindiwe. Kuphinde kube nenkinga yokulimala kwempahla kagesi uma usubuya ngamandla. Kwasophoqa ukuthi sithenge enye impahla ngaphambi kwesikhathi ebesizibekele sona. Sifisa ukuthi kuhambe unomphelo ukucishwakonga kukagesi njengoba sekuphele isikhashana kungekho,” kusho uTshidi.
Uveze ukuthi bahlonza nezindlela abangazisebenzisa ngale kwagesi ukuze kungezweli ebhizinisini ukuhamba kwagesi.