Uphangalele umculi wokholo ozakhele udumo ngomculo waseSion, uDr Kenny Makweng (54), obelaliswe esibhedlela.
Izindaba zokudlula komculi emhlabeni zimenyezelwe yinkampani yakhe, iKennymark Productions.
Ngokombhalo wesitatimende: “Sidlulisa ukudabuka okukhulu ngokushona komculi wokholo uDr Kenny Makweng, emva kokugula isikhathi esincane. Imininingwane ngokungcwatshwa kwakhe izodalulwa yiKennymark Productions, okuyiyona exhumana nomndeni. Umndeni unxusa ukuthi umphakathi nabezindaba ubanike isikhathi sokuzila njengoba ubhekene nalesi simo esinzima. Sinxusa ukuthi kubekwe umndeni nabasondelene naye emkhulekweni.”
Ngeledlule iKennymark Productions ikhiphe isitatimende ibika izindaba zokugula kwalo mculi obesengeniswe esibhedlela. Banxuse ukuthi abekwe emkhulekweni ngenxa yokuthi isimo sakhe bese sisibi kakhulu futhi bekungasavunyelwe muntu ukuthi azombona ngaphandle komndeni.
Lo mculi ungomunye wezingqalabutho ezizakhele udumo ngomculo waseSion. Phakathi kwezingoma azakhele udumo ngazo kubalwa iKa La Ntate, neLengeloi Laka nezinye. Abanye abaculi abasezingeni lakhe abacula izingoma zaseZCC abanye babo abangasekho ngo-Oliseng Shuping, Nkosana, Winnie Mashaba nabanye.