UMNDENI wengwazi yomculi engasekho uJohnny “Incwasimende” Dimba uthi kuyawujabulisa ukugcinwa kwegama lakhe lingashabalali yisikhungo iKumisa.
IKwaZulu-Natal United Music Industry Association (Kumisa) iqambe isikhungo sayo sezobuciko iKumisa Creative Centre, yasibiza ngeKumisa Johnny Dimba Centre.
Umcimbi wokushintshwa kwegama ubuyizolo ezindlini zalesi sikhungo eGlenwood, eThekwini.
Indodana kaDimba endala uVuka Dimba uthe akanawo amazwi amaningi.
“Ngicaphuma amazwi enye ingoma kababa athi ‘amade anginawo msakazi ngiyaphela’. Siyabonga futhi sizizwa sithobekile ngokuhlonishwa kwakhe. Kuyajabulisa ukubona kuqhakambiswa imisebenzi yakhe ngoba wayengagcini kuphela ngokucula nokumela abaculi njengommeli kodwa wayethanda ukusiza abasakhula,” kusho uVuka.
Uthe uyise ubezoziqhenya ngegxathu eselithathwe yiKumisa ngoba wayeyingxenye yayo ngesikhathi iqala.
“Njengoba manje iKumisa ikhona ukusipha izeluleko ngokuthi igama lakhe liqhubeke lingashabalali, sizobona ukuthi simisa kanjani.”
UDimba wazakhela kakhulu udumo ngengoma ethi Dear Msakazi. UDimba washona ngo-2015 eneminyaka engu-61 ngemuva kokugula isikhathi esifishane.
USihlalo webhodi leKumisa, uLindiwe Kunene, uthe bayisungula ngenhloso yokugcina amaciko kulesi sifundazwe ngoba amaningi ayehamba aye kwezinye izifundazwe.
Uthe bafuna ukwakha inkundla yokuthi amaciko achume ekulesi sifundazwe.
“Inhloso yethu ukusabalala nakwezinye izifunda ngoba lapha eThekwini kuseyisiqalo futhi sisavivinya ukuthi izinto zihamba kanjani. Maduze nje sizovula kwezinye izindawo ezimbili ngoba kunabathi le nto yinto yaseThekwini kuphela. Siyaziqhenya ngokunikeza abantu ngamakhono kwezobuciko.”
Lesi sikhungo sine-studio sokuqopha, indawo yokuzilolonga, indawo yokwenza ucwaningo ngomculo nokunye.
Umphathi weKumisa uThando Nyameni, uthe njengoba beyisikhungo esingenzi nzuzo, ukusebenzisa izinsiza zakhona kuzokhokhelwa.
Uthe enye into abayenzayo wukuguqula umculo ungabukwa njengento yezokungcebeleka kodwa njengebhizinisi.
UMbongiseni Ndlela, oyisikhulu soMnyango wezokuThuthukiswa koMnohto, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, okuyiyo exhasa iKumisa, uthe lesi sikhungo kumele sishayelwe ihlombe ngokukwazi ukuqhubeka nokusebenza yize sincishiselwe imali abasixhasa ngayo.
“Siphoqeleke ukwehlisa imali yabo kodwa ngeke ngisho ukuthi ngamalini. Sisanda kuphothula ibhajethi yamaphakathi nonyaka futhi sesiyibuyisile leyo esasiyehlise ngayo.”
Uthe isizwe asiwatusi futhi asiwaqhakambisi ngendlela amaqhawe aso kunalokho sigqamisa osopolitiki.