UMNCINTISWANO wezinkondlo obuhlelelwe amaciko ahaya izinkondlo angakaziwa kule ndima, Iziko Poetry Competition, uhambe ngokohlelo kuhlabana izimbongi ezisafufusa, emcimbini womncintiswano obungoMgqibelo, KwaDambuza ME Hall, eMgungundlovu.
Emncintiswaneni obungenelwe yizimbongi eziwu-10, osungulwe wuMnuz Mondli Shange waKwaPata, khona KwaDambuza, kunqobe uSiphelele Dlamini ohlabane ngoR1000, Mtomnyama olale isibili, wathola uR500 noSibonelo Ngcobo ophume indawo yesithathu, wathola uR300.
Umbhali wezincwadi, uMnuz Ayanda Mchunu, wethimba ebelihlele umncintiswano uthe inhloso yabo ngawo wukusebenzisa okuncane abanakho ukuphosa itshe esivaveni, ukuze kuthuthukiswe izimbongi ezisafufusa.
“Umkhakha wezinkondlo ungemunye yenganakiwe ekubeni ubalulekile kakhulu, ngakho sibone kukuhle ukwenza lo mncintiswano ukunika izimbongi ezingakaziwa ithuba lokubonakala, ziphinde zihlomule okuncane ngalokho.
“Yingakho nami nginikele kwabanqobile ngencwadi yami yezinkondlo, esihloko sithi Kuyosa, ukubakhuthaza ukuhlonipha umsebenzi wabo ukuze bagcine sebewuqopha noma bawushicilele njengami,” kuchaza uMchunu.
Uthembise ukuthi nangonyaka ozayo bazowenza lo mncintiswano, ngethemba lokuxhaswa wosomabhizinisi nanoma wubani ongakwazi ukufaka isandla ukuze babuye sebekhuphule kakhulu izinga.