KUFUFUSA uqhekeko eqenjini elingaconsi phansi kubathandi bomculo wama-piano okuthiwa amalungu alo awasabhekani.
Ukuxabana kukaReece Madlisa noZuma Msholozi abazibiza ngokuthi AmaRoto, bodumo lwenoni lengoma ethi, Umsebenzi Wethu kusatshalaliswe nguMac G obexoxa noSol Phenduka ohlelweni lwabo abalusakaza esiteshini esikwiYouTube.
Kuthiwa amalungu aleli qembu axabane aze acishe abambana ngezandla emcimbini abebeqashwe kuwo.
Kugcine ngokuthi bangangeni esiteji ukuyonandisa, ngokusho kukaMac G ohlelwe lwakhe, iPodcast and Chill with Mac G.
Ezinkundleni zokuxhumana balokhu bezwakalise ukukhathazeka kwabo abalandeli bamaRoto.
Izingcingo zikaReece Madlisa nolukaZuma Msholozi bezikhala zingaphendulwa, ngesikhathi intatheli yeSolezwe ngeSonto izama ukuxhumana nabo.
Imiyalezo ethunyelwe ngeSMS nangeWhatsApp nayo kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingaphendulwa.
Imenenja yaleli qembu, u-Archie Dada, ithe iyakweshwama ukuzwa ukuthi bayehlukana laba baculi.
Uthe kuyamumangaza ukuthi abantu bakuthathela kuphi abakusabalalisa ezinkundleni zokuxhumana.
"Kwakuvele kuvunyelenwe ngokuthi uReece noZuma bazokhipha ama-albhamu abo ngokwehlukana, ngokuhamba kwesikhathi. Leso sivumelwano sizokwenzeka kuwo lo nyaka. Izindada zokuthi bayehlukana nami, ngizizwa ngabezindaba.
“Ukube bezikhona izinhlelo zokwehlukana kwabo, ngabe senisitholile isitatimende esithunyelwe abezindaba, esivela kithina," kusho imenenja.