UBONGA wonke umuntu obe nesandla empumelelweni yokuthi uqoshwe umdlalo wakhe uphrojusa osezakhele igama kuleli, uLulu Hela.
Ukusho lokhu ngemuva kokuvela kwezindaba zomdlalo wakhe omusha iLavish, ozoqala ukukhonjiswa ngoLwesihlanu kuMzansi Magic (161), ngo-8, ebusuku.
ULulu oke waba ngumlingisi manje waziwa ngamagalelo akhee kubeni nguphrojusa njengoba engomunye wabadidiyela umdlalo Igomora.
Le ntokazi ithe umdlalo ungamahlaya kodwa ogcweleizigameko, ubuyiphupho layo.
“Sengathi uNkulunkulu engangibusisela wonke umuntu engisebenze naye, kusuka kubalingisi kuya kuwona wonke umuntu obe nesandla. Kube yisibusiso kimi ukusebenza nabo bonke. Umsebenzi wabo sengathi ungaqhubeka ugqamekulo mkhakha esikuwona. Ngijabule kakhulu," kusho uLulu ngamafuphi.
Emdlalweni kuzogqama abesifazane abaphumelele kodwa abaphila impilo ehlukene, okukhona kubona uJessica Nkosi (Zozi), Ayanda Bandla (Kat) noKanyi Nokwe (Nomzamo).
UShirley Adonisi weM-Net, uthe kuMzansi Magic banemidlalo eshiya izibukeli zijabule futhi zifuna impinda.
“NgoLwesihlanu sijwayele ukuba nezinhlelo nemidlalo okuthinta abantu. Ngalo mdlalo sesilinde ukubona ukuthi izibukeli zethu zizowamukela kanjani futhi kukhona yini okuzozithinta ngawo bese zikuqhathanisa nokwenzeka empilweni yazo yansuku zonke," kusho uShirley.
Uthe umdlalo oshuthwe eKyalami, okuyondawo yomntakabani, uzoveza impilo kaZozi ongowesifazane oshadile,ocebile, ongumama futhiosemkhakheni wemfashini.
“Impilo yakhe yokufuna udumo nokuba wumama uyithola Kufezeke iphupho kuphrojusa ngomdlalo omusha inzima futhi unezimfihlo eziningi okungasekude zivele. UKat yena ngowesifazane onamaphupho, osebenza kanzima. Uphuma emndenini osuzakhele igama kwipolitiki. Naye kuningi akwenzayokuwona lo mkhakha, kodwa izinto zakhe sengathi azihambi ngendlela afisa ngayo. UNomzamo yena akafani nabangani bakhe abaphumelele, utholakala kuyona yonke indawo le okuyiyona into abamthandela yona futhi unamahlaya. Inkinga abhekene nayo wukuthi isoka lakhe lifuna ukumenza unkosikazi oziqoqile kodwa ingabe uzokwazi yini?
Kulo mdlalo abanye abalingisi abazobonakala kuwona kubalwa uSdumo Mtshali, Mary-Anne Barlow, Nakedi Ribane, MC Nolo Seabi nabanye.