Kudutshulwe ngentululwane yezinhlamvu kwafa isilomo sikaDJ wasePitoli, uPeter “Mashata” Mabuse ezintatha ngeSonto.
UMashata, obebuye abe ngusomahlaya, kuthiwa ubehamba nomunye ongaziwa ngesikhathi kuvulelwa ngenhlamvu emotweni yakhe. Lona obehamba naye kuthiwa usesibhedlela, ngokubika kweSABC.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Noxolo Kweza, ucashunwe ethi amaphoyisa avule idokodo lokubulala nokuzama ukubulala ngemuva kwesigameko sokudubula esithinta abesilisa ababili abaneminyaka engu-46 no-45.
Kusuka kuvele izindaba zokufa kwakhe, abantu badlulise imiyalezo ehlukene enkundleni yokuxhumana i-X.
Umsakazi weMetro FM, uPaul Mtirara, unxuse bonke oDJ beSoul neR&B, okuwumculo okuthiwa ubudlalwa nguMashata, ukuthi benze umcimbi lapho bezodlala khona mahhala bese imali inikelwa emndenini wakhe.
Iqembu lebhola iMamelodi Sundowns likhiphe isitatimende lidlulisa amazwi enduduzo njengoba lithe ubenza izimememzelo ezinkundleni okudlala kuyo leli qembu.
“Sithandazela ukuthi sengathi uNkulunkulu engaduduza futhi aqinise umndeni wakwaMabuse, nabalandeli bakhe, abangani nozakwabo endimeni yezokungcebeleka.”