KUBUYA umcimbi owamiswa wukuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid 19, iCall It Spring Festival.
Kulo nyaka lo mcimbi obophele amaciko asesifundeni iHarry Gwala nawakwezinye izindawo, uzoba senkundleni yezemidlalo eseSayidi TVET College ngoMgqibelo womhlaka 29 Okthoba.
Kuboshelwe inqwaba yabaculi, okukhona kubona uDuncan, Zakwe, Bello noGallo, Bahubhe, Skweletu, Ithwasa Lekhansela, Sgwili, Benzy nabanye. Kubaphathi bohlelo kukhona uPastor Mjosty noSimphiwe Majozi woZalo. Omunye ozoba yingxenye yawo wuMzamo Gcabashe weBlack Door.
Umhleli wawo u-Andile Caluza, uthe lo mcimbi wagcina ukuba khona ngo-2019.
“Empeleni lo mcimbi usuke uyiHome Coming yami ngoba nami ngidabuka eHarry Gwala. Ngo-2020 no-2021 uphazanyiswe wukuvalwa kwezwe njengoba ubuya manje. Ngenxa yothando lomculo ngithathe isinqumo sokuthi ngiwenze ngephakethe lami njengoba ungenabo abaxhasi ngaphandle kweDrip okuyiyona kuphela ekhona njengabaxhasi. Inhloso yawo ukuthi kuhlomule abantu abakwezobuciko,” kusho u-Andile.
Uthe amathikithi abiza u-R100 ajwayelekile, abe ngu-R250 awezicukuthwane. Uveze ukuthi akawafakanga ezindaweni ezidayisa amathikithi kodwa uwayise ezindaweni lapho abantu bezofinyelela kalula khona uma bewadinga. Uthe ayatholakala e-Unity Social Lounge eMzimkhulu naseMali’s Shisanyama eXopo. Ngosuku lomcimbi uthe azobe edayisa nasesangweni futhi azobe ebiza imali efanayo.
Abantu uthe bavumelekile ukuza namaCooler Box abo azongena ngo-R100 esangweni. Izikhali uthe azivumelekile kulo mcimbi.
Uzoqala ngo-12 emini kuze kube isebusuku.