UMASKANDA Ithwasa Lekhansela, ohlulwe ekugcineni emncintiswaneni obuyingxenye yomcimbi iKhuphuka Nezakho Sibon’Inkunzi Maskandi Festival obuseCurries Fountain Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo, uthi ngeke esawungenela lo mncintiswano.
Ithwasa Lekhansela belizihola phambili kuGroup A, amasonto elandelana kwaze kwaba wuLwesine. Umculi ubevotelwa ngokuthi abamthandayo bathenge amathikithi okungena emcimbini abhalwe igama lakhe. Okuthengwe amaningi anegama lakhe uhlomula ngoR100 000.
Kugcine kunqoba Unjoko obesendaweni yesithathu ngoLwesine.
“Njengeciko uma ngiya emncintiswaneni kumele ngikuphathe kokubili – esandleni sokunxele ukuphoxeka kwesokudla kube yithemba – ngoba kungenzeka noma yini. Ngiyayiqonda indima kamaskandi ukuthi ayinalo iqiniso. Noma zinginetha ngishaya sengathi akwenzekanga lutho kanti ngaphakathi ngiyopha,” kusho Ithwasa Lekhansela.
Liqhube lathi aliqali ukuphoxeka ngoba nasemiklomelweni Amantshontsho Kamaskandi aliphumelelanga lithembile.
“Nganginengoma ethi Ngamshaya Ngambulala eyayiqokwe njengengoma okwakumele ithole umklomelo kodwa kwenzeka okwenzeka yangawina. Inhlanhla enginayo wukuthi uma ngenza into ivunwa abalandeli, hhayi abeThwasa Lekhansela kuphela kodwa bonke.”
Uthe ukubonile ukukhala kwabalandeli bakhe ngemuva kweKhuphuka Nezakho futhi uyakuqonda.
“Okwenza bathukuthele kakhulu yingoba bayazi bebewathenga kakhulu kangakanani amathikithi kwaze kwaba yisekugcineni. Bengesekwa nangabalandeli bamanye amaqembu nabaculi ngoba bebenenhloso yokuthi ngiwine into engifanele. Noma sekuliwa emcimbini bekulwa wonke umuntu. Lokhu ngaqala ngokuhamba phambili, hhayi mahhala kodwa bekuphushwa ngendlela exakayo. Uma kuvela izibalo zokugcina ngoLwesine, bengiphambili. Uma siphusha sivula igebe futhi umuntu ongasifica kuba ngotshelwa ukuthi simshiya ngebanga elingakanani. Siphushe kwaze kwashaya u-4 ngosuku lomcimbi kwaba nobuhixihixi ngisho emishinini.”
Uveze ukuthi usethathe isinqumo sokungaphinde awungenele umncintiswano.
“Imincintiswano ngisazoyongenela kodwa hhayi lo. Izizathu wukuthi amathikithi akhona ayabiza, abalandeli basebenza ngokuzikhandla. Okunye wukuthi ngo-12 uyaphela, abalandeli beswele okokuhamba. Uma ngithi akuthengwe amathikithi ngikhuphula umcimbi nami kumele ngijabule. Akekho ongakufanele ukuwina kodwa akube neqisino.”
Unjoko ubonge kakhulu abalandeli wathi ubengathembi ukuthi uzonqoba.
“Kungijabulise kakhulu ukuthi ngiwine. Noma bengikhankasa bengingenalo ithemba kodwa ukungena endaweni yesithathu kungiqinise isibindi sokuthi ngizoba phezulu.
Noma ngingajabule ukuthi angikwazanga ukungena ngibonge bukhoma kodwa ngiyabonga. Kunomculi obephezulu isikhathi eside abantu bazitshela ukuthi usewinile kanti umcimbi awukapheli. Abalandeli beThwasa bazitshele ukuthi usewinile badembesela,” kusho uNjoko.
Uthe usazoqhubeka nokungenela imincintiswano ngoba useyazi ukuthi uma ekhuluma abantu bayamlalela.
Uveze ukuthi ubengakahleli ukuthi uzowenzani uR100 000 awuwinile.
“Anginazo izinhlelo ngoba uba nazo uma ubuvele ulindele. Bengikungekho emqondweni wami. Ngeke ngiqambe amanga ukuthi kukhona ebese ngikuhlelile. Ziningi izinto okumele sizenze. Kukhona la ezolekela khona.”
Kuthiwa umcimbi uvalwe sekujikijelwa amabhodlela kukhona ebebenganeme.
Imizamo yokuthola umhleli wawo, uNgelo V, ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.