Kulindeleke ukuba izihlabani zomculo wombhaqanga nokamaskandi zitheleke ngobuningi bazo enkonzweni yesikhumbuzo yomdlali wesigingci sebhesi weSoul Brothers, uSicelo Agrippa Ndlela, eDowntown Music Hub, eGoli, ngoLwesine.
UNdlela (65) waseNseleni, ngaseMpangeni, udlule emhlabeni esibhedlela saseGoli, ngoLwesine olwedlule, emuva kokugula isikhathi eside. Indodana kamufi, uSabelo Dludla, ithe umufi uzofihlwa emathuneni aseGoli, ngalo Mgqibelo.
Umthombo obusondelene naye uthe ubexinwe kakhulu umdlavuza wamathambo, obumenza agcine esehamba ngesihlalo esinamasondo.
Omunye wabasunguli beSoul Brothers, uMoses "Black Mose" Ngwenya, uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kukaSompisi ngoba ubefana nomgogodla kuleli qembu lomgxobanyawo.
"Kumina sekunzima kakhulu ukuqhubeka nebhendi yeSoul Brothers. Esigqini seSoul Brothers sekusele mina ngedwa ngoba noMaxwell "Mafuthenkukhu" Mngadi wasishiya emhlabeni eminyakeni emibili eyedlule. Manje sekuhamba uSicelo Ndlela obedlala isigingci sebhesi."
Ephetha uBlack Mose, uthe umufi uqalwe ukugula ngo-2020.
Ikhono likaSompisi noSkhumbuzo Mabaso lahlonzwa ngowayedlalela iSoul Brothers isigingci sebhesi ongasekho, uZenzele "Zakes" Mchunu ngo-1983.
Ekushoneni kukaZenzele engozini yemoto ngo-1984, kwenza iSoul Brothers yavala isikhala sakhe ngoSompisi. Kwathi ngo-1985, yena uSompisi, Ihhashi Elimhlophe, Japan Sodoyi noBongani Nxele basungula iqembu, Imitshotshovu (egcine seyibizwa ngeMpumelelo emuva kokushona kwamanye amalungu eqembu).
Isandla sikaSompisi sizwakala ezingomeni eziningi zeSoul Brothers okubalwa kuzo ethi Bazobuya nethi Uvalo.
Umculi kamaskandi uMaqhinga Hadebe uthe uSompisi waba nesandla ekuvumbululeni ikhono likaThwalofu NamaNkentshane nelikaHhashi Elimhlophe njengoba bonke bedabuka eMpangeni.