UDUMISANI Mbebe owazakhela igama elingisa indawo kaDumisani emdlalweni iGenerations useveze ukuthi izinto zike zangamhambela kahle endimeni yokulingisa.
Le nsizwa kumanje ibonakala emdlalweni iGrassroots ku-1Magic (103), iveze ukuthi maduzane kukhona umdlalo owuchungechunge ezobonakala kuwona.
Ekhuluma neSolezwe kweminye imicimbi yeDurban International Film Festival (DIFF), uDumsani uthe ubonga uxhaso abantu abamkhombise lona ebonakala noma engabonakali kwithelevishini.
“Impilo ike yangixakazisa kancane njengoba umsebenzi la endimeni yokulingisa ubungaqhamuki. Kodwa ukuzibamba ngibekezele kungisize kakhulu njengoba umsebenzi uphinde waqhamuka futhi. Nakanjani abantu bagcina ukungibona kuRhythm City, ngilingisa indawo kaDoc ngemuva kwalokho-ke kwathuleka,” kusho uDumisani.
Uthe yize indawo kaGcin’umzi Nala, abonakala kuyo kuGrassroots ibincane kodwa nayo uyithokozele njengoba imenze wathola enkulu nazoqala ukuqopha kuyona maduzane.
“Umdlalo owuchungechunge omkhulu lona engizobonakala kuwona, uyazi ukuthi ngeke ngisho ukuthi yimuphi ngenxa yezivumelwano esinazo kodwa abantu bazoyijabulela indawo engizoyilingisa kuwona futhi nami ngithokozile njengoba sesixoxe saqeda nabanikazi bawo sekushoda ukuthi ngiqale ngisebenze,” kuchaza yena.
Ekuqaleni kwalo nyaka iphephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto like labika ukuthi isimo sakhe sezimali asisihle nokwaphoqa ukuthi intombi yakhe uMbali Mbhele imxoshe endlini ababehlala kuyona eGoli njengoba kwakukhona nezinsolo zokuthi akaziphethe kahle.