OWENZA unyaka wokuqala ezifundweni zobuntatheli eDurban University of Technology, uZasembo Mkhize, uthembisa into yamehlo emqhudelwaneni wonobuhle bezizwe ezahlukene zakuleli.
UZasembo (20) waseMgungundlovu uyena omele amaZulu kulo nyaka kwiNdoni Miss and Mr Cultural South Africa e-Indoni Convention Centre, e-Indoni Eco Village, eRichmond ngoDisemba 14.
"Ukuqokwa kwami njengentombi ezomela amaZulu kusho lukhulu kimina futhi kuyangithokozisa njengentombi eziqhenyayo nezigqajayo ngosiko nemvelaphi yayo."
UZasembo uthe okumenze wadlulela emzuliswaneni wamanqamu ukuthi ucikozile wamela kangcono usiko lwakhe ezintombini zakwaZulu seziphelele .
"Nokuthi ngiveze ukuthi buyini ubuntombi kwaZulu. Okusho ukuthi ngibe isibuko sakwaZulu ezintombini nasemajajini. Nokuthi ngaso sonke isikhathi alikho nelilodwa ilanga lapho ngingazivezanga khona ubumina engicabanga-ke ukuthi nako kube nawo umthelela ekuqokweni kwami."
Uthe okungalindelwa ngabantu baKwaZulu-Natal kuye njengoba ebamele kulo mqhudelwano wubuhle bendalo yinhlonipho nentobeko ngoba yikho okubalulekile entombini.
"Okusemqoka ukuthi ngizimisele ngokuveza ubumina phakathi kwezinye izizwe njengoba sazi ukuthi ingwe idla ngamabala, nakwiNdoni-ke kunjalo ngoba intombi idla ngokuveza amasiko ayo nobuyona," kusho le ntokazi eyafunda eSiqongweni Secondary eMbali Unit 13 naseMountain Rise Primary eMgungundlovu. Emabhungwini amaZulu amelwe wuNtobeko Mkhize.
Abazobe bemele izizwe zabo bazoqala bamukelwe ngesidlo esikhethekile sakusihlwa emcimbini ozokuba seBeach Cafe, eThekwini ngoDisemba 6 kusukela ngo-7 ebusuku. Bazobuye bayongcebeleka eShaka Marine World (wet n wild) ngoDisemba 7 ngaphambi kokuntweza ngesikebhe olwandle ngoDisemba 8.
Ngosuku lomcimbi wamanqamu izinsizwa nezintokazi zizoqale zenze umviliyelo emigwaqweni, okubizwa ngeStreet Carnival.