NKOSIKHONA CELE
UZOWUDLELA ejele uKhisimusi uNkk Nongcebo Faith Ntombela owavuma icala lokubulala umyeni wakhe owayeyiphoyisa elisebenzela uMkhandlu weTheku, njengoba egwetshwe udilikajele namhlanje.
UCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela wadutshulwa esemzini wakhe okwa-S, eMlaza ngoMeyi 3 ngonyaka owedlule. Waphuthunyiswa esibhedlela eMedical Towers eSiphingo, okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa inkabi uMzo Ntombela, eyageqa amagula enkantolo ngalo lonke itulo, yavuma ukuthi yayikade ithunywe nguNkk Faith Ntombela, unkosikazi kamufi.
UNkk Ntombela wabe eseboshwa kanye noMnuz Sithembiso Khumalo onguthishanhloko naye osolwa ngokubamdibi munye nabamangalelwa ngesikhathi setulo.
Kwavela negama lenkabi esejele uKhulani Cele, okuthiwa yiyona eyayimkhuthaza uNkk Ntombela ukuba asoconge umyeni.
UFaith wazakhela udumo ngoba wayehlezi efika enkantolo eswenke econsa futhi emamatheka ecela nezintatheli ukuba zimthathe izithombe ezinhle.
Inkantolo iphinde yamgixabeza ngeminyaka emihlanu ngecala lokweba isibhamu somyeni wakhe neminye emihlanu ngecala lokuhlela ukubulala.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uNkk Ntombela ugonyuluke ngetulo lokusoconga umyeni walivuma icala eNkantolo eNkulu yaseScottsburgh.
Kwavela nokuthi uNkk Ntombela waqala wazama ukumbulala ngoshevu umyeni wakhe kodwa lelo tulo lagcina liphunzile.
UMnuz Nkosinathi Ntombela oyiwele likamufi uthe kwabadumaza kakhulu okwenziwa ngumakoti wabo.
Uthe bajabule kakhulu ukuthi ekugcineni uFaith usezogqunywa ejele isikhathi eside ngecala alenza.