KUSOLWA ukuphoqwa kwabafundi ukuthi baphuce imbungculu eMbambangalo High, eMaqongqo, kungqongqiswa ingxenye yalesi sikole ngempelasonto edlule.
Okunye okushayisa amakhala wukuthi kunabafundi abaxoshiwe, abasolwa ngokusebenzisa izidakamizwa baphinde babe nodlame kodwa abanikwe ithuba lokuthi baphothule ukubhala izivivinyo kodwa bangabuyi ngonyaka ozayo.
Lokhu kuvezwe ngumthombo okhulume neSolezwe wacela ukungavezwa njengoba izolo bekunokhukhulelangoqo womhlangano ohlanganisa abazali bezingane ezifunda kulesi sikole.
Umthombo uveze ukuthi nakuba singakaziwa isizathu esiphathekayo mayelana nokushiswa kwehhovisi lephini likathishanhloko, ikhishi nelinye lamakilasi kodwa zintathu izinto okuhlawumbiselwa kuzona.
“Indaba yokuphoqwa kwabafundi ukuthi bagunde imbungculu ngenye yezinto okusolakala ukuthi ingaba yimbangela yomlilo. Enye indaba yabafundi abaxoshiwe besolwa ngezidakamizwa kanti kuphinde kuvele nokuthi kukhona ukungezwani okukhona phakathi kothisha,” kusho umthombo.
Omunye umthombo weSolezwe, owazi udaba nocele ukungavezwa, udalule ukuthi basathukile ngalesi sehlakalo.
“Kushiswe namadeski nezihlalo, i-storeroom, izincwadi zika-matric namanyufomu yesikole. Kudingeka kudilizwe izindonga zala kushe khona,” kusho umthombo.
Ngo-Agasti kuke kwagasela amaphoyisa asesha athola izidakamizwa nezinye izinto kulesi sikole.
Umthombo uqhube wathi ngoFebhuwari kulo nyaka kuke kwashiswa esinye isikole esikhona endaweni, iVilla Maria Primary.
"Okwakhona kwaba nesizathu ngoba kwakunombango wezikhundla zothisha emva kokususwa kukathisha wendawo kwafakwa owokuhamba,” kusho umthombo.
EVilla Maria kwabulawa uthishanhloko eminyakeni edlule emuva kokusatshiswa ngokuthi asule noma afe.
UMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi lesi sehlakalo senzekile wathi kodwa imbangela yomlilo abakayazi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseBishopstowe aphenya icala lokushisa ngemuva kwesehlakalo sokusha kwesikole.
Uthe lesi sikole sashiswa ngabantu abangaziwa ngoNovemba 24.