IBISEQHULWINI eyabantu ababhuqwa wubumba kuleli. UMengameli Cyril Ramaphosa ubike ukuthi cishe ikota yabantu bakuleli, bayalamba.
URamaphosa ukusho lokhu izolo ngesikhathi kunenkulumompikiswano ngesimo sezwe ikakhulu ngabantu ababhuqwa yindlala eNdlini yoMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, wathi kudingeka kwakhiwe amathuba ukuze abantu baphume endlaleni.
"Phezu kokuba zikhona izinhlelo esizenzayo zokuzama ukukhipha abantu ebubheni kodwa baningi abantu abalambayo kuleli. Sinezinhlelo ezinjengezibonelelo esizinika abantu njengoba u-60% wesabelomali sikahulumeni siya kwizibonelelo,“ kusho uRamaphosa.
Uthe uhulumeni unezinhlelo ezinjengokuphakelwa kwabafundi ezikoleni.
“U-90% wabafunda ezikoleni zikahulumeni ufunda mahhala. Sixhasa ngemali yokufunda abafunda emakolishi nasemanyuvesi ngaphansi kwesikhwama iNSFAS,” kuqhuba uRamaphosa.
Uthe kusadingeka ukuthi kukhuliswe umnotho ukuze abantu bathole amathuba emisebenzi, anqabile ezweni.
UNksz Mandisa Makesini we-EFF, ukhale ngendlala ebhuqa abantu bakuleli.
“Baningi abantu abasabhukuda endlaleni kuleli ekubeni osopolitiki bezicebisa bona. Ayilungiswe le nkinga, abantu bathole imisebenzi ukuze bakwazi ukuphila. Ayiqedwe eyamathenda ukuze abantu bakwazi ukuthola imisebenzi,” kusho uNksz Makesini.
URamaphosa ubalule nokuthi zibalelwa ku-200 000 izitolo, izipaza ezivakashelwe ziyobhekwa ukuthi ziyahambisana nemigomo ebekiwe, kulandela ukushona kwezingane ezadla ukudla okunobuthi eGauteng, KwaZulu-Natal nakwezinye izindawo.
“Zingaphezu kuka-1 000 izitolo, izipaza nezinye ezinkulu ezivaliwe ngenxa yokungayilandeli imigomo. Yingakho sabeka umyalelo wokuthi kumele lezi zitolo zibhaliswe ukuze sizazi ukuthi zidayisani,” kuchaza uRamaphosa.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, ethula inkulumo kule ndlu, uthe zibalelwa ku-300 izitolo abazivakashele esifundazweni kanti sekuvalwe ezingu-90, ezingayilandeli imigomo.
UNtuli uthe bayaqhubeka nomkhankaso wokuhambela izitolo ngoba kumele zonke ziyilandele imigomo. Ubalule izinselelo ezike zabhekana nesifundazwe okubalwa indaba yezinhlekelele nezinye.
Ubalule nokuthi isabambe ngakho mayelana nohulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene oholwa yi-IFP esifundazweni.
URamaphosa uvule inkulumo yakhe ngokuphefumula ngokuthi imiphumela yokhetho lwangoMeyi nonyaka, yenza ukuthi kube nohulumeni wokubambisana obunjwe amaqembu angu-10.
“Abavoti banquma ukuthi lingabikhona iqembu elishaya amaphiko kodwa kube nokusebenzisana kwamaqembu ahlukene kuhulumeni. Sisebenzisana kahle singamaqembu ahlukene kuhulumeni,” kusho uRamaphosa.