ILOKHU inamekwe njalo ezinkundleni zokuxhumana imiyalezo yenduduzo ebhekiswe emndenini womlingisi uMpho Sebeng ofe engozini yemoto ePotchefstroom ngeSonto ekuseni.
Ukufa kukaMpho (30) kuqinisekisiwe wumndeni esitatimendeni othe yize uyamukela imiyalezo yenduduzo kodwa ucela ukunikwa isikhathi ukuze uzame ukwamukela lezi zindaba.
Uhulumeni wezwe uthe imicabango isemndenini, abangani nakubalandeli.
“Isizwe sizilele ukulahleka kobeqhakazile,” kusho uhulumeni.
Iqembu i-Economic Freedom Fighters lithe sengathi amagalelo akhe engaqhubeka nokugqugquzela nokuthuthaza abalingisi abasakhula.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaSebeng, abangani nozakwabo ngalesi sikhathi esinzima,” kusho i-EFF.
INetflix ithe uyiphile kahle impilo yakhe futhi sengathi angalala ngokuthula.
Abemiklomelo amaSouth African Film and Television Awards bamchaze njengomlingisi obevelele futhi ezimisele.
“Ukufa kwakhe kushiya isikhala endimeni. Sengathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula.”
Iqembu iPan Africanist Congress lithe ithalente nokuthanda kwakhe ukulingisa kuzohlala kugqugquzela.
Inkampani ekhiqiza imidlalo yethelevishini iQuizzical Pictures ithe ubezithobile futhi enethalente ebelilokhu lidlondlobala.
Ithe isebenze naye emidlalweni iRhythm City neSavage Beauty.
Abanye abadlulise amazwi enduduzo kubalwa iSABC, Mzansi Magic, Joburg Theatre, Showmax nabanye.
Lo mlingisi udlale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iRing of Lies neminye eminingi.