UMBHALI wezincwadi futhi oyimbongi yezinkondlo zesiNgisi, uLuleka Mhlanzi, uthi uthobekile ngokuqokwa kumaSLAM Awards International, azoba seMali nonyaka, lapho emele khona iNingizimu Afrika emunxeni weBest Reveal.
ULuleka (29) waseMgungundlovu, owumbhali wencwadi ethi Confiscated Identity, uthe kusho lukhulu kuyena ukuqokwa emncintiswaneni wezindondo oqalayo ukwenziwa, lapho eqhathwe khona namaciko awu-11 asemazweni ehlukene omhlaba.
“Lokho kusho ukuthi umsebenzi wami wobuciko muhle futhi uyakhula njengoba usufinyelele nakubantu bakwamanye amazwe. Yingakho nginxusa abantu ukungivotela ukuze ngibuye nayo le ndondo.
“Ukunqoba kuyosho lukhulu kimi, futhi kuzokhuthaza namaciko eza ngemuva ukuthanda umsebenzi wawo wobuciko,” kuchaza uLuleka oseke wanandisa emicimbini eminingi yobuciko kubalwa nePoetry Africa.
Ukuvota kuvalwa ngoFebhuwari 3, 2023. Ungamvotela njalo ngosuku, ulandela imininingwane etholakala emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.
Umcimbi wokuklonyeliswa kwabanqobile uzobanjelwa eBamako eMali ngoMashi 14.