UGCINA Nkosi ozakhele igama elingisa emdlalweni iScandal! nomlingisi onamava uSiyabonga Twala bazobonakala bedlala indawo ephambili emhlalweni okhuza ibuya nesizini yesithathu iHostela.
Lo mdlalo ozokhonjiswa kuMzansi Magic kusukela ngenyanga ezayo, ungomunye wemikhulu eyake yabonakala kuMzansi Magic, ezobuya isinobuso obusha futhi isixoxa indaba eyehlukile.
Iziqephu ezingu-13 zeHostela kule sizini zizobheka uKaMabizela (Gcina Nkosi) ongumfelokazi ofuna ukuziphindisela kwinkabi uNgwadi (Siyabonga Thwala), okungowesilisa owabulala umyeni wakhe uMdletshe.
UMdletshe noNgwadi, babehlala ehostela okuthiwa iKwaDukuza, benza imisebenzi yobugebengu, kodwa izinto zashintsha futhi bajikelana mhla uMdletshe ethatha isinqumo sokuyeka ubugebengu ehostela nokulapho uNgwadi athatha khona isinqumo sokuqeda ngaye. Abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uXoli Zondi, Nkanyiso Mchunu, Tony Kgoroge noMduduzi Nombela.
Imidlalo okukhona kuyo iThe Herd, Ayeye abakaMNet abathe bayikhethe ukuyibuyisa ngenxa yokuthi yenza kahle, bafuna nokushintsha konke okwake kwabonakala kwemidala.
Bathe lena ngenye yezindlela zokugcina ababukeli beyijabulela imidlalo yabo nabaqhamuka namaqhinga okuyigcina ithakaselwa.
UShirley Adonisi wakaM-Net echaza ngalokhu uthe umdlalo wokuqala abakwenze kuwo lokhu isizini yesithathu yomdlalo i-Unmarried ekhonjiswa ku-1 Magic manje.
“Sifuna isizini ngayinye noma isihloko singangeshintsha kodwa ihehe iqhamuke nolunye udaba oluzogcina ababukeli bewujabulela umdlalo. Lolu hlobo esiluqala manje luyenziwa emazweni ehlukene futhi ludumile kakhulu nathi sibona kukuhle ukuthi siluqale.
“Imidlalo sihlele ukuthi isizini ngayinye ibe nobuso bosaziwayo, kushintshe isihloko umdlalo okade ukhuluma ngaso kube ngesisha kodwa okubalulekile wukuthi uzobe ushuthelwa endaweni efanayo nale okwenzeke kuyo amasizini adlule,” kuchaza yena.
Uthe umdlalo iHostelauzoqhubeka nokushuthelwa KwaZulu-Natal njengoba isizini yesithathu beyiqophe eBergville futhi kuyona kukhona abalingisi okubalwa kubona uSiyabonga noGcina.
Uthe njengesiteshi bayaziqhenya ngokungenzi nje kuphela lokhu okwenziwa kwamanye amazwe kodwa ukuqinisekisa ukuthi izindaba abazixoxayo zihambisana nalokhu okufunwa ngababukeli babo.
Isizini yeHostela iphrojuswa yinkampani iRhythm World kaDuma Ndlovu noMandla KaNozulu.