UMLINGISI ophinde abe wusomahlaya, uXolani “XD Black” Dlamini, uthi ukuzinikela kwabalingisi abanamava efilimini iTaxi Bosses, kwenze umsebenzi waba lula kubalingisi abebeqale ukulingisa ngale filimu.
U-XD Black obhale waphinde waqondisa iTaxi Bosses eyethulwe eStable Theatre, eThekwini, izolo, uthe ngayo baveza izingqinamba ezibhekana nabanikazi bamatekisi.
“Ngayo siveze nokuthi okwenzeka empilweni yabo yangasese iwuphazamisa kanjani umsebenzi abawenzayo. Iphinde iveze ukuthi ukuzicabangela wena wedwa kungaba yingozi kangakanani kwabanye abantu.
“Sijabule kakhulu ngayo ngoba siyihlanganise ngaphandle kokuxhaswa wumuntu,” kuchaza uXD Black.
Kwi-Taxi Bosses eqoshelwe ezingxenyeni zeMariannhill, Pinetown naseMgungundlovu, kulingisa phambili uSiyabonga Radebe osanda kushiya Uzalo, Ndumiso Dlamini wodumo lakwiFamily Bonds, noBhekisiwe Mahlawe owuCalvin Gumede kwiDurban Gen.
Kwabangakaziwa, kukhona oNozipho Cele, Lerato Mbhele, Kholiswa Sigcau noNhlanhla Shelembe weShelembe Aphiwe Productions eqoshwe ngaphansi kwayo.
UNdumiso Dlamini uthe ujabule ngokuba yingxenye yale filimu, ikakhulu ngoba usebenze nabalingisi abasebasha kule ndima, abazimisele ngokukhula kule ndima.
UNozipho Cele obeqala ukulingisa ngale filimu, uthe ukuba yingxenye yayo kwenze wathobeka futhi wabona kukukhulu asengakwenza kule mboni kubhekwe phambili.
Le filimu izokhonjiswa ngokusemthethweni eCine Cinema, eSun Coast Casino, eThekwini, ngoFebhuwari 16, bese ikhonjiswa nakwezinye izindawo.