UMLINGISI wodumo kwiDiepCity, Ncebakazi Pilingane, uvukwa wumunyu uma ekhumbula ubunzima adlule kubona esakhula, nobacishe baqeda ikusasa lakhe.
UNcebakazi (29), olingisa indawo ka-Eve kulo mdlalo osakazwa kwiDStv Channel 161, uthi kuke kwaba nesikhathi lapho ayecabanga nokuzibulala emuva kokudlwengulwa yindoda eyayihlala nomngani wesoka lakhe ngo-2011.
Uthe namanje akakasikhohlwa isigameko kodwa sekungcono ngoba uyazama ukusidlulisa. Lo mlingisi ukhala izinyembezi uma echaza ngesigameko.
“Ngangisemcimbini wokuzijabulisa nabangani bami, ngesikhathi ngivelelwa yilo mshophi,” usho kanje uNcebakazi.
Uthe isigameko samhlukumeza kangangoba ngemva kwaso wazizwa engeyinto yalutho. Uveze ukuthi wayesezinikele otshwaleni, ezama ukukhohlwa okumvelele. Uthe ukube wasivumela isimo ukuba sibe ngaphezulu kwakhe, ngabe samkhinyabeza.
UNcebakazi uveze ukuthi ukuthola kwakhe umsebenzi kwiDiepCity kwenzeke emuva kokuba esephile kanzima isikhathi eside.
“Ngangilokhu ngazi ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi ngeke angilahle. Kwakunento eyayimane ingitshela ukuthi mangikhululeke izinto zizolunga ngoba ngikhonza uNkulunkulu ophilayo,” usho kanje.
Ubonga uMandla N, ongumqondisi nomdidiyeli womdlalo ngokumupha ingqayizivele yethuba emuva kweminyaka engu-7 izinto zingahambi kahle. Uthe uthemba ukuthi ukuba kulo mdlalo kuzovula amanye amathuba.
UNcebakazi uzalelwe, wakhulela eKraaifontein, eCape Town, lapho efunde amabanga aphansi kanti yena nezingane zakubo bakhuliswe ngunina nosingababa. Uveze ukuthi kulo nyaka usezinhlelweni zokubhala incwadi egxile kwezothando, futhi ufisa nokungena emculweni we-jazz.
“Empilweni yami ngifisa ukuba nokuthula bese ngisebenza ngokuzikhandla,” kuphetha uNcebakazi.
Umthombo weSolezwe NgoMgqibelo uveze ukuthi u-Eve usazohlupha kakhulu kwiDiepCity, futhi ubonakala esha nomjondolo.