UMLINGISI wakuleli uZola Nombona, useveze ukuthi esikhathini esinzima lapho umsebenzi ungekho khona ngenxa yeCovid-19, uyalibonga ithuba alitholile lokulingisa emdlalweni Isono.
Kulindeleke ukuthi ishukumise indawo kaZola ayilingisa kulo mdlalo okhonjiswa esiteshini iBET (129), aqale ukubonakala kuyona ngeledlule.
Kulo mdlalo ulingisa indawo kaZoleka Sigcawu, ongowesifazane osebenza kahle, oyinhloko emkhakheni wezethelevishini nowebhola, esiteshini i-UltraSport.
“Ngaphandle nje kokusweleka komsebenzi nginengane encane okumele ngiyinakekele, ngiyabonga impela ngokuthola lesi sibusiso,” kuchaza uZola ngamafuphi.
Kulo mdlalo uZola uzolingisa no-Anga Makubalo, olingisa indawo kaMakwande.
“UMakwande kuzoba sengathi kukhona okungahambi kahle ekhanda lakhe uma eqeda ukubona le ntokazi ezothatha amehlo akhe agcine ngokuthi acele ukuchitha isikhathi nayo nalapho ezobuya ejabule ngendlela eyisimanga, kodwa kukho konke kuvela into emshiya emangele engazi ukuthi enze njani njengoba bese ezitshela ukuthi konke kuzohamba kahle phakathi kwabo,“ kuchaza isitatimende esithunyelelwe abezindaba.
Siveze ukuthi kulo mdlalo kuningi okusazokwenzeka okuzojabulisa ababukeli.
Emasontweni adlule lo mdlalo ubugubha ukuhlanganisa iziqephu ezingu-100 waqala, lapho kwavela khona ukuthi kuningi okuzokwenza uthakaselwe ababukeli.
Baveza ukuthi abalingisi abaningi basazobonakala kuwona njengoba babesanda kwethula abaseNigeria ababekuwona okubalwa kubona u-Anthony Oseyemi, Christine Osifuye noChioma Umeala.