UMLINGISI weDiepCity, uThemba Sibanyoni, uxwayise intsha ukuthi ize ingalokothi ihambe ezinyathelweni zabakudlala kulo mdlalo.
"Ngicela yonke intsha ikhumbule ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi imfundo iyisikhiye sempumelelo. Ayingakunaki esikwenza kwiTV ngoba kuzobafaka obishini," kusho uThemba (43) olingisa indawo kaDanger kulo mdlalo osakazwa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.
UThemba ukhuluma kanjena nje uke wabhadla ejele iminyaka eyisithupha kusukela ngo-2000 ngenxa yokududana nabangani ababi. Uthe yilapho afike wafunda khona ulimi lwesitsotsi alukhuluma kulo mdlalo.
Eqhuba, uthe umehluko mkhulu phakathi kwakhe noDanger. "Mina ngiwumuntu ophansi kakhulu futhi ohloniphayo." Uthe ukhule ngakubo eSprings, KwaThema, ewumfana obezikhonzele ukudansa. Emuva kokuphothula uGrade 12 eJabulani Technical High wabe esejoyina isitebele sika-Arthur Mafokate lapho ayedansa futhi abuye aqambe izingoma.
"Ezingomeni ezabhalwa yimi kukhona ethi Hlokoloza nethi Pelepele. Ngibuye ngabhalela uPantsula noJamela. Mina bengingaculi kodwa bengibatshela ukuthi abazicule kanjani." Uthe akagcinanga nge-999 Music kodwa ubuye wadansa nasezingomeni zeTKZee. UThemba uyabonakala kwi-video yengoma ethi Dlala Mapantsula nethi Mamontjie enza adume ngakho.
Echaza ngokungena ekulingiseni, uthe wayengakaze waziphupha engumlingisi kodwa ucilo wathuka uzishayisa endukwini. "Sengineminyaka ewu-13 ngilingisa. Sengike ngadlala kwiSamsokolo Season 1 nakwiLockdown Season 3. Ngibuye ngalingisa nasefilimini esezingeni lomhlaba, noMorgan Freeman, ethi Stink. "Uyabonakala nasesikhangisweni seThuso Phala enezingwazi zabadlali bebhola okubalwa kubo noDoctor Khumalo. Uthe izingqinamba ahlangabezana nazo zamenza wagcina esethathe ikhefu ekulingiseni.
"Ngavele nje ngagula futhi kwabophana yonke into empilweni. Ngacishe ngashona. Umzimba wavele wangavuma." UThemba ubonge kakhulu umdidiyeli omkhulu weDiepCity ngokumtakula. "Waqhamuka esengicela ukuba ngizodlala kulo mdlalo." Uthe selokhu eqalile umphakathi wangakubo usuyaziqhenya ngaye futhi abanye sebezibiza ngabangani bakhe.
"Ngize ngizibuze ukuthi babekuphi kule minyaka emine ngidonsa kanzima empilweni. Angisenakuthula empilweni yami. Njengomuntu osahamba ngamatekisi, kuke kumiswe itekisi ngoba sekunabantu abafuna ukushutha nami. Abanye baze banginxenxe ukuba ngiqhubeke nokufundisa izingane zabo ukudansa njengoba ngangenza eminyakeni eyedlule. Ngebhadi angisenaso isikhathi futhi sekunezinto eziningi okufanele ngizenze ekhaya. Yimi okufanele ngondle umndeni futhi ngakhele izingane zakithi ikhaya elingcono."
Uthe yize esenayo intokazi ahlekisana nayo kodwa uthe akakabi sezinhlelweni zokushada njengoba esabhekene nenselelo yokulungisa kubo.