USEHAMBA ethuka izanya owesifazane waKwaCeza, uNksz Hlengiwe Zanele Sithole, emuva kokusatshiswa ngokuthi uzothunyelelwa ngezinkabi yizintokazi zeLadies House yeFacebook.
Indaba isuswe wuhlelo lwethelevishini olwethulwa nguMusa Mseleku kwiMzansi Magic ngoLwesibili, Umnakwethu, lapho bekuvele khona uMnuz Bheki Langa obefuna uMseleku amcelele imvume engodusweni yakhe, uNksz Makhosazana Shelembe (26) ukuba alanywe nguNksz Hlengiwe Sithole (31) (uMaSithole). Ukudelela kukaMaSithole nokukhala kukaMaShelembe kwenze ababukeli bazwelana noMaShelembe. Izintokazi zeLadies House zibe sezinikela ekhasini likaNksz Sithole ngoba zizitshela ukuthi nguMaSithole obevele kuMnakwethu kanti uxamu usegeje umgodi, wukufana kwamagama. UMaSithole ngowaseNquthu ekubeni uNksz Sithole ngowaKwaCeza, esigodini saKwaThafazane.
Lezi zintokazi azithandabuzanga kodwa zivele zashiya ezingalazi kuye futhi zamsongela nangokumbulala. Isolezwe lizibonele ngawalo ikhasi likaNksz Sithole linemibhalo engaphezu kuka-8000 yabantu abebemgxeka, abanye bemsabisa.
UNksz Sithole uthe izinsongo zamalungu ekhasi leFacebook ziphoqe ukuba angabe esalubhada nasemsebenzini ngoLwesihlanu ngenxa yokusaba ukwenzakaliswa. Ngenxa yokushuba kwesimo, uNksz Sithole uze wavukela esiteshini samaphoyisa, eKiepRivier, eGoli eyovula icala lokuhlanjalazwa.
Echaza, uthe uthole izingcingo ngapha nangapha exwayiswa ngemibhalo ekhasini lakhe leFacebook. "Ngithuke kabi ngifica sekunenqwaba yezinhlamba nezinsongo zabantu beLadies House. Okungixakayo mina wukuthi kangisiye lo Hlengiwe obevele kulolu hlelo lweTV oluthi Umnakwethu futhi nalo nje angilwazi ngoba kangilubuki." Uthe akasakwazi ngisho nokuhamba emgwaqweni ngenxa yezinsongo zabantu.
Elinye lamaphoyisa elisebenza esiteshini lapho kuvulwe khona icala, kodwa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, likuqinisekisile ukuthi uNksz Sithole uvule icala lokuhlanjalazwa ezinkundleni zokuxhumana.