CHARLES KHUZWAYO
UTUSE amagalelo kazakwabo angene ezicathulweni zakhe, uKhanyisa Titus, ngesikhathi ebeka phansi umbhobho ohlelweni lwemishado, i-Our Perfect Wedding. UTitus uncome uNomsa "Gomora Diva" Buthelezi, ngokumcija nangokumhlomisa ngokubuciko bokwethula uhlelo.
Izindaba zokuhlukana kwesixhanti phakathi kukaKhanyisa ne-Our Perfect Wedding, zidalulwe nguye ekhasini lakhe le-Instagram.
"Ngifikile, ngabona maqede nganqoba. Uhambo lwami ne-Our Perfect Wedding selufinyelele emaphethelweni."
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uKhanyisa eqala kulolu hlelo wayegxekwa kakhulu, esolwa ngokuklabalasa. Yingakho encoma uNomsa ngokumnikeza amandla okuqhubeka nokwethula uhlelo nakuba kwakungelula. "Ngiyabonga kakhulu ngokuhlangana nawe nokusebenza nawe, yize ngangihlale ngishaywa wuvalo ngaso sonke isikhathi uma nginawe ngenxa yesithunzi skho, wonke umuntu afisa ukuba naso, ngisho nami imbala," kusho uKhanyisa owaqala ukwethula i-Our Perfect Wedding kusukela ngo-2019.
NoNomsa umhalalisele uKhanyisa futhi wamfanisa nodadewabo wangempela. "Yize ngingenandaba kangako nempilo yabanye abantu kodwa ngesikhathi sihlangana kwaba nothando lweqiniso phakathi kwethu," kuphawula uNomsa.
Nangonyaka odlule uKhanyisa wabonga uNomsa ngokumcathulisa esanda kuqala kulolu hlelo. "Ngifisa sengathi wonke umuntu angahlangana naye. Zonke izinkinga zakho zivele ziqedwe ukuhleka kwakhe. Konke okusho kimi kusekhona engqondweni yami," kubhala uKhanyisa.
Eziphendulela uNomsa wathi inkulumo kaKhanyisa imfikisela ngezinyembezi. "Ngiyazi abanye abantu bacabanga ukuthi ukusebenza ndawonye noma ukwethula uhlelo olufanayo, kufanele kunenze izitha noma abazenzisi. Amanga lawo. Ngiyakuthanda ngoba kulula ukukuthanda. Ngikujabulele futhi ngiyakubonga ukwazana nawe. Ukuzithoba kwakho kukusondeza kubuNkulunkulu. Qhubeka uqhakaze. Wenza umsebenzi oyisimanga," kwakusho uNomsa nyakenye.
Nababukeli bohlelo bakhale kakhulu ngokuhamba kukaKhanyisa futhi bathi bazomkhumbula. UKhanyisa ufanise ukuphela kwesivumelwano sakhe nohlelo nomjaho omuhle futhi omkhulu awunqobile, emuva kweminyaka emibili emihle.
Ubonge uNkulunkulu ngokumbusisa ngekhono nobuchule ayengazi ukuthi unakho kanye nabazali nezingane zakwabo ngokumeseka ezingqinambeni abehlangana nazo.
"Bekuwumsebenzi wami wokuqala ukwethula uhlelo. Cabanga ngoba ngesikhathi ngijoyina, yinkampani eyangithungathela lo msebenzi, ngangizifunela ukuba yi-voice over artist kanti uNkulunkulu ungihlinzeke ngokukhulu kunalokho."
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengatholakali abeMzansi Magic nabeConnect.TV, ukuba baphawule