KUNETHEMBA lokuthi indawo ezodlalwa umsakazi woKhozi uSelby Mkhize njengoba sekuvele izindaba zokuthi uyaqopha emdlalweni Imbewu izofundisa kabanzi ngokuthi abantu abashintsha ubilili babo kumele baphathwe ngendlela ejwayelekile.
USelby uqopha kulo mdlalo nje useke wabonakala izikhawu ezehlukene elingisa emdlaweni Uzalo kuSABC1.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kulo mdlalo ulingisa indawo kamabhalane enkampanini iShongololo Oil.
“Indawo ayilingisayo uzoqala ukubonakala kuyo emasontweni azayo kuyona le nyanga. Indawo yakhe izobe ifundisa kakhulu njengoba izokhuluma ngowesifazane owazalwa engumuntu wesilisa owazishintsha ubulili bakhe. Kulezi zinsuku akekho ongazi ukuthi abantu beLGBTQI+ bafuna ukuphathwa ngendlela ejwayelekile njengabanye abantu nale kaSelby ke izofundisa nokuthenjwa ukuthi mhlawumbe kukhona lapho engasiza khona njengoba laba bantu bebhekene nezingqinamba ezehlukene kuleli,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi indawo kaSelby akuyona nje enye yalezi ezimfishane kodwa izodonsa isikhathi eside kulo mdlalo.
Omunye umthombo uveze ukuthi kuningi okusha okuzobonakala kulo mdlalo njengoba kusanda kuvulwa inkampani iShongololo Oils nezoletha abalingisi abahlukene.
“Baningi abalingisi abeza kulo mdlalo abanye bayaqala emasontweni azayo, abanye kusakhulunywa nabo njengoba kukuningi okusazokwenzeka ezinyangeni ezizayo,“ kuchaza umthombo.
U-Eugene Cele obhekele izindaba kulo mdlalo uthe, abantu abaqhubeke nokubukela lo mdlalo njengoba kusekuningi abazokujabulela kuwo.
Omunye umthombo ongaphakathi uziqinisekisile lezi zindaba, kodwa wathi akulindelwe isimemezelo sabaphathi emasontweni ambalwa ezayo.
Akaphikanga futhi akavumanga ukuthi uSelby uzoba yingxenye yalo mdlalo.
Ethintwa Isolezwe uSelby ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Umyalezo athunyelelwe wona nawo ugcine engawuphendulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.