UMCULI ukhala ngabaphathi bomdlalo kamabonakude, uMkhokha: The Curse, ovezwa kuDStv Channel 161, Mzansi Magic, abadla amandla akhe, ngokusetshenziswa kwezingoma zakhe bengavumelananga.
UZithulele Khwela, ongumculi aphinde abe ngumbhali wezingoma, odabuka eLamontvile, eThekwini, ukhala ngokuthi akakaze athole ngisho indibilishi, ngokusetshenziswa kwezingoma zakhe kulo mdlalo. Okubalwa kuzo, uMkhululi wezoni, uMendo kanye noQobo Lwethu.
Elandisa intatheli yeSolezwe ngoMgqibelo, uthe asikho isivumelwano anaso nabadidiyeli bo-Umkhokha The Curse esisayindiwe, esibagunyaza ukuthi basebenzise izingoma zakhe.
“Emuva kokungezwani phakathi kwabadidiyeli, ubaba uMandla kaNozulu nobaba uDuma KaNdlovu, uMzansi Magic, wakhipha umyalelo wokuthi bazixazulile izinkinga zabo.
“Bahlala phansi baba nomhlangano eGoli, emuva kwalowo mhlangano, ubaba uMandla kaNozulu wanquma ukushiya ku-uMkhokha: The Curse, wabe usuwela ezandleni zikababa uDuma. Nathi sagcina sikhishwa kanjalo-ke nekhwaya, iLamontvile Cultural Ensemble, akukho futhi esachazelwa khona,” kusho uKhwela.
UZithulele uthe uthuke koma amathe uma ezwa izingoma zakhe zidlalwa eziqeshini zalo mdlalo ngoMsombuluko wangomhla ka-6 kule nyanga.
“Ekubeni emhlanganweni owabanjwa eGoli, kwathiwa angeke bewudinge umculo wami nekhwaya iLamontvile Cultural Ensemble, bazoba neqembu labo elizodidiyela umculo“, kubalisa umfokaKhwela.
Eqhuba, uthe ube esethinta aboMzansi Magic, ukuthi kungani bedlala izingoma zakhe ekubeni kungavunyelwene ngalutho futhi ekubeni uDuma ka Ndlovu, wathi ngeke bazisebenzise izingoma zakhe.
Uthe isiteshi simtshele ukuthi sinamagunya obunikazi bomculo wakhe ngoba sawukhokhela ngesizini edlule.
Okhulumela uMzansi Magic, uPortia Nhlongwane, ethintwa yintatheli yeSolezwe ngoMgqibelo, uthe bayalwazi lolu daba.
“SiwuMzansi Magic, siyalwazi lolu daba, kodwa thina asingeni kulo njengesiteshi. Okwethu ukumaketha umdlalo, senze isivumelwano nabadidiyeli kugcine lapho. Abadidiyeli abazikhethelayo ukuthi baqasha bani futhi kanjani. Yena akakhulumisane nabadidiyeli bomdlalo,” kubeka uPortia.
UMandla KaNozulu uthintiwe ngalolu daba wavuma ukuthi uyalwazi kodwa ucela ukungandi ngalo.
“Ngenkulu inhlonipho ngicela ukuthi, uZithulele (Khwela) alwele ubulungisiwa obuqondene naye. Ngingahlanganiswa nakho, angifuni ukugcina sengivalelwa ngaphandle iziteshi, ngokuthi sengigijime ngaya emaphepheni,” kubeka uKa Nozulu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDuma ayiphumelelanga ngenxa yokuthi ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa futhi engayiphenduli imiyalezo abethunyelelwa yona.