CHARLES KHUZWAYO
UBAGEZE igilo ababukeli uKhanyi Mbau, ngekhono alikhombise kwiThe Wife: Zandile The Resolute, ikakhulu esiqeshini socansi. Abantu bathi ukhombisile ukuthi indawo ayilingisayo, uyithole kufanele ngoba wenze isiqephu socansi sakholeka. Labo abese bewulaxazile umdlalo ngenxa yezikhalazo, bakhuze ibuya. Omunye wabo nguKgware Paballo, uthe oZandile noNkosana bawuvuselile umdlalo.
USoweto Moore uthe, uyathemba isoka likaKhanyi asanda kulilaxaza eDubai, uKudzai, alizokwamukelwa esibhedlela sabagula ngengqondo, emuva kokubuka isiqephu socansi phakathi kukaZandile noNkosana. Lesi siqephu sidlisele ogageni esikaMqhele noHlomu. Iningi lithe uZandile uqede konke ngokuvelela kukaHlomu kulo mdlalo. Bathe kwakufanele uHlomu noMqhele bazitike kanje ngocansi. Abanye bachazwe ukumuncwa kwebele nesitho sangasese sikaKhanyi, okwenze sengathi wucansi olwenzeka ngempela.
UNiki Beko Empire unxuse ukuba kunikezwe uKhanyi noMondli Makhoba, olingisa indawo kaNkosana, umklomelo kuma-Emmy Awards.
UZiyanda Myeza uthe wayezitshela ukuthi ucansi lukaQhawe noHlomu lwalusezingeni elicokeme, ngaphambi kokubona olukaNkosana noZandile.
UKim Khandashisa uthe ubengazi ukuthi uZandile noNkosana bazoqhamuka nodaba lothando akade ayelulangazelele. UZaah Zandy uthe uKhanyi ubewuqonda kahle umsebenzi abezowenza njengoZandile.
URea Obaka uthe ikhono likaKhanyi lihlale, lilihle.
"Eqinisweni, sengikulangazelele kabi ukubona ukuthi usifihlele yiphi induku emqubeni kwiThe Wife2.“
UNonkululeko Madonsela uthe uma indoda ingeke imnikeze uthando elunikezwa uZandile nguNkosana, engavele ehlale engenayo.
Njengoba isizini edlule iphele sekumuncu ngenxa yabantu abebegxeka ukuthi okuqukethwe wumdlalo akufani nokubhalwe encwadini kaDudu Busani-Dube. Bebekhala ngokuthi umdlalo udicilele phansi umsebenzi nobuciko bukaDudu.
Nakuba kunjalo uDudu waveza ukuthi abadidiyeli bakusho ukuthi akuzofana ncamashi okwenzeka encwadini nokusemdlalweni. Esiqeshini sokuqala sesizini yesibili bezingekho izikhalo kodwa bekunezincomo kuphela. Abanye banxuse abafunde izincwadi zikaDudu, ukuthi bathule manje ngoba benza kungabimnandi ukubuka lo mdlalo.
"Nywe nywe...abafundi bencwadi abahlale phansi. Niny@#$ ngemali kabani. Aningikhokheli iShowmax."