UKUQEDWA kwemidlalo emibili alingisa kuyo uMpume Mthombeni, uthi kuzomenzå abe yindlala kwithelevishini ngoba usematasa ngezinye izinto.
UMpume (51) odabuka eMlaza, uselingise emidlalweni eminingi. Muva nje ukwiDurban Gen neThe Wife yomibili ephelayo.
“Akungihlukumezanga kakhulu (ukuphela kwele midlalo) ngoba nginezinto engizenzayo. Ngiphutheliwe ngasemalini kuphela,” kusho uMpume oke wadlala kuZalo neMbewu.
Lo mlingisi osothandweni nowobilili obufana nobakhe, ushade noLwandle Mthombeni, uthe ngeke umbone uma engekho kwithelevishini ngoba uhluka kakhulu kunabalingiswa abadlalayo abangomama.
KwiDurban Gen udlala indawo yokuba wunina kaThabo (Meshack Mavuso) obenenkinga yokugembula, kwiDurban Gen abe wubabekazi wezelamani zakwaMajola ezabulawa ngezakwaZulu embangweni wamatekisi.
“Ngiyakuthanda ukulingisa ngoba kusuke kungesimina. Kumele ngicabange indlela engihamba ngayo ngezicathulo eziphakeme. Mina uma uhlangana nami ungifica ngizigqokele isikhindi nekepisi ngizikhululekele.”
Uthe kunemidlalo aseyichithile ngoba ishayisana nezinto azenzayo, okuyimidlalo yeshashalazi.
“Imidlalo yeshashalazi ngiyithanda ngoba ubona ngaleso sikhathi ukuthi abantu bazizwa kanjani ngendlela olingisa ngayo nangomdlalo.
Uthe unenkampani i-Empatheatre eyenza ucwaningo ngezinto ezahlukene ezithinta umphakathi, bese iyaziguqula izixoxe ngemidlalo yeshashalazi.
Uthe omunye wayo Umhlaba noLahle abacelwa ukuthi bawenze ukuveza ububi nobuhle bokuba nemayini, ukuze bafundise umphakathi okwakuzokwakhiwa kuwo imayini yamalahle.
Uthe omunye wawukhuluma ngewunga futhi omunye wakhuluma ngabesifazane abasuka ezindaweni ezahlukene bezohlala eThekwini ukuzozama impilo engcono.
Uthe njengamanje banomdlalo othi Lalela Ulwandle okhuluma ngabantu abahlukene abasebenzisa ulwandle kusuka kubabhukudi, abadobi, ososayensi, izangoma nezinyanga.
“Siwudlale ezindaweni ezahlukene ezigudle ulwandle kusuka eKosi Bay saze saya eKapa. Kukhona abe-United Nations abawubona basimema kwiCop27 e-Egypt ngonyaka odlule. Khona siphinde sathola isimemo eRome, Italy. Ngiyenza nabathathu. Khona omunye engiwenza ngedwa engike ngawudlala eMakhanda ngonyaka odlule. Ngizowenza eMarket Theatre ngoJulayi bese ngiya eHolland, Switzerland naseFrance ngo-Agasti. Ukhuluma ngabesifazane ababesebenzela uShabalala waseLindelani.”
Uthe ucela uxhaso kuhulumeni nakunoba wubani ukuze uhambo lwakhe lube yimpumelelo.
“Ngiyomela iTheku, isifundazwe neNingizimu Afrika yonke. Ngicela umphako Nkosi yami. Umuntu uma ehamba uyaye ephathiswe umphako kubanjwe inkukhu egcekeni.”