UZANDILE Msutwana uncelisa amawele njengoba esezobonakala komunye umdlalo iGrootboom and Sons. Kumanje ulingisa indawo kaVuyiswa kwiThe Queen kanti maduze nje, uzobonakala kwiGrootboom and Sons edlala indawo kaFuneka.
"Ngikujabulele kabi ukubuyela lapho ngaqala khona emdlalweni oyisigcawugcawu (drama series) ngoba inqubo yakhona yehlukile kuneyemidlalo ewuchungechunge (soapie). Okumnandi kakhulu nokuyinselelo ukuthi ngizobe ngilingisa indawo eqavile,“ kubeka uMsutwana.
Echaza ngokungena kwiGrootboom and Sons, uZandile uthe wayezihlalele nje, kwangena ucingo luvela kophrojusa abamazisa ukuthi bafisa ukusebenza naye. "Okwalandela lapho kwaba ukuhlangana nabanye ozakwethu kwi-screen test. Okunye kusazovela."
Uthe le ndawo azobe eyilingisa ihluke kakhulu empilweni ayiphilayo nasezindaweni aseke wazilingisa. "UFuneka owesifazane oyisikhohlakali futhi onenkohliso. Uthanda impilo ephezulu nezinto ezimnandi. Sengijahe kabi ukuba nimbone."
Uthe ukulingisa kulo mdlalo akusho ukuthi useyashiya kwiThe Queen kodwa kusho ukwanda kwemisebenzi.
"Amathimba abadidiyeli bemidlalo benza kwabalula kimi. Bonke ophrojusa beThe Queen neGrootboom and Sons bayaxhumana ukuze bahlele ngami. Ngenhlanhla iziqephu zeThe Queen ziyangivumela ukuthi ngingabonakali kakhulu okwamanje, okungenza ngisebenze kahle nakomunye umdlalo.
Ngezinye isikhathi ngisebenza izinsuku ezingagcwele kwiThe Queen bese ntambama ngisebenza kwiGrootboom and Sons. Ngosuku olulodwa ngiba ngabantu abathathu uZandile, Vuyiswa noFuneka. Konke kwenzeka kalula ngokuhlela izikhathi. Alulula khona, kunzima kodwa ngizobhekana naleyo nselelo. Kuyisibusiso engisamukela ngenhliziyo emhlophe."
Uthe usakulangazelela ukwenza imisebenzi angakaze ayenza.
"Kodwa okusekhanda lami kakhulu ukwenza kakhulu amafilimu, ngisebenze nabanye abaqondisi nabanye abalingisi engibahloniphayo. Ngifisa ukusebenza ngokuzikhandla."
Uthe uke walithola ithuba lokuqondisa ifilimu emfishane futhi usafisa ukwenza amanye. Uthe usekwenze konke emkhakheni wokulingisa kodwa manje usefisa ukungena komunye umkhakha wokucathulisa ozakwabo abasafufusa.
"Inhlosongqangi ukwenza kube lula kwabaseza ngemuva kwethu kule ndima ukuba bengangeni ezikhinsini esigxambukele kuzo futhi bafice engasekho ameva," kuphetha uZandile.