INTOKAZI ezakhele igama ngokuba wungoti oluleka ngezengqondo ohlelweni Utatakho, uNozibusiso Nyawose, izobonakala isiza izithandani ohlelweni olusha oluthi Love Me or Leave Me.
Lolu hlelo luzoqala ukubonakala esiteshini esikhombisa ukukhula kwiDStv, iHONEY (channel 173), kusukela ngoLwesihlanu esiya kulo ngo-10 ebusuku.
Kulolu hlelo, uNozibusiso, uzosiza izithandani ezine ezizofika ngenxa yokuthi zinenkinga ebudlelwaneni bazo.
Lezi zithandani zithatha leli gxathu nje yingoba kukhona abangasajabule ebudlelwaneni abakubona.
UNozibusiso echaza ngalolu hlelo, uthe izithandani uzokwenza nazo izinto ezihlukene ukubona ukuthi yini eholele ekutheni zize zingabujabuleli ubudlelwano bazo.
“Bazohlala endlini thizeni la bezobe benza khona izinto ezihlukene ezizobasondeza eduzane ukuze kubonakale ukuthi yini le ecasula omunye ngomunye? Kodwa esikufuna kakhulu ukuthi baphole ngaphakathi ukuze badlule kulesi sigaba abakusona futhi babone ukuthi uthando lwabo bangaqhubeka nalo noma izilingo zifika,” kuchaza uNozibusiso.
Uthe usizi ababhekane nalo ngesikhathi beshutha lolu hlelo alubanga lula njengoba abantu bebeveza izinto ezinzima abake badlula kuzona nezinesandla ekungahambeni kahle kobudlelwano babo.
“Ekupheleni kwesizini, bonke laba bazothatha isinqumo sokuthi ingabe bayaqhubeka yini nokuba sebudlelwaneni abakubona noma cha, izindlela zabo seziyahlukana.
“Akubanga uhambo olulula lolu. Angisho nje uhlelo lungakaqali, abanye bekudingeka ukuthi sibagubhe ukuze sithole izinkinga zabo. Abanye sibasize kakhulu ukuthi bathole ukuphola emphefumulweni yabo, ukuze baqale kahle empilweni, bayeke ukuhlala bediniwe noma benengcindezi,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi bayathemba ukuthi ngisho izithandani ezisemakhaya ngokubuka lolu hlelo, zizosizakala ngabazobe bekukhuluma futhi kuzoholela ekutheni babone ukuthi izinkinga zabo bangazilungisa kanjani, ngale kokuphosa ithawula.
Ugcizelele ukuthi abantu abalufune usizo ngokushesha njengoba abakubonile kulolu hlelo wukuthi abantu balimala kakhulu besebancane nokuyinto abakhula nayo, ibalimazile emphefumulweni.