UMLINGISI omusha weSifiso, uLinda Mtoba, unovalo ngendawo azoyidlala ngoba ingase imqhathe nababukeli.
ULinda, obuye abonakale edlala indawo kaNomonde Dlamini kwiThe River, uzolingisa indawo kaNokwanda emdlalweni Isifiso, okhuza ibuya kuMzansi Magic kusukela ngo-Ephreli 10, ngo-8 ebusuku.
Echaza uLinda, uthe uvalo ludalwa wukuthi uzolingisa indawo yowesifazane owuhlupho emphakathini futhi owenza izinto ezingalungile, amoshe impilo yabantu, ikakhulu abesilisa.
“Nginovalo ngempela lokuthi uma sengiphumela emphakathini abantu bazongibheka ngenye indlela ngoba lendawo engiyidlalayo eyomuntu ohlupha ngampela. Ngicela nje abantu bangangishayi ngezimpama uma bengibona. Ngikulindele nje ukuthi kube nemibuzo engizoyibuzwa abantu uma usuqalile umdlalo,” kuchaza uLinda.
Eqhuba uthe noma lukhona uvalo kodwa ukubhekana nesimo esifuze lesi, kusho ukuthi umsebenzi wakho usuke uwenze kahle njengomlingisi.
Uchaze uNokwanda njengowesifazane odlala ngemizwa yamadoda, asebenzise ubuhle bakhe ukuthola into ayifunayo. Uthe ungumuntu onesibindi, owenza noma yini ukuze aphumelele.
“Uthanda nokwenza izinto ezingalungile ngaso sonke isikhathi.”
ULinda uqhube wacacisa ukuthi yize impilo yakhe ihluke kakhulu kunekaNokwanda kodwa okumchazayo ngaye ukuthi ungumuntu ophikelelayo futhi oyilwelayo into ayifunayo.
Uphethe ngelithi kubalulekile ukuzikhandla nokuzethemba uma ungumlingisi, wathi yikhona okumsizile kule ndawo futhi le ndawo yehluke kakhulu kunezinye ake alingisa kuzo phambilini.
Useke wabonakala emdlalweni eminingi kwithelevishini, okubalwa kuyo Uzalo neSibaya.