INTANDOKAZI yomlingisi uNomalanga Shozi uthi usebuye ngokugcwele kulo mkhakha ngemuva kokuhlaba ikhefu leminyaka.
UNomalanga, odabuka ePort Shepstone kodwa osezinze eGoli, ungomunye wabalingisi abaphambili emdlalweni omusha iRoomies. Umdlalo uzoqala ngoMeyi 4 ngo-8.30 ebusuku ku-1Magic (DStv 103).
Le ntokazi, ephinde ibe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini, ingene ekulingiseni ngo-2016 ngeRhythm City lapho yayidlala khona indawo kaNomalanga.
Ugcine ukubonakala efilimini iLove Lives Here yango-2019.
"Abantu bazobona ukuthi ithalente lami alishabalalanga ngoba bengingalingisi isikhathi eside," kusho uNomalanga ohlabe nekhefu lokuyoteta.
"Ababezibuza ukuthi ngisazobuye ngilingise yini nababethi ngeke, kumele bazi ukuthi ngibuyile. Kuningi engisazokwenza."
Uthe kulezi zinyanga ukulingisa yikho azokunikeza isikhathi esiningi ngoba ufuna ukudlondlobala kukho.
"Ngigxile kukho ukulingisa okwamanje. Izinto ngizenza ngendlela yami ngoba angijahile futhi anginangcindezi. Nginethalente lokulingisa futhi ngiyazethemba ngalo. Nginelokwethula izinhlelo, engizethemba ngalo. Nokusakaza ngiyazi nginethalente futhi ngiyazethemba ngakho. Ngithathe ikhefu ngagxila ekusakazeni. Manje ukusakaza kuthathe ikhefu ngizokubona ngesizini elandelayo yemisakazo, ngisalingisa," kusho uNomalanga oke wethula uhlelo lwantambama phakathi nesonto kwiGagasi FM noDJ Warras.
Uthe kwiRoomies uzobe edlala indawo kaTsholo onegama lesiTswana kodwa okhuluma IsiZulu.
Umdlalo odle ngamahlaya uveza ubudlelwano bezelamani, ukuzitshwa, ukuhamba amaphathi nokunye.
"Ngiyaqala ukudlala emdlalweni wamahlaya. Ngizobe ngihlekisa, abantu abalindele. Amahlaya anzima awekho lula kodwa ngijabule ngokuba semdlalweni. Nginengcindezi futhi ngoba ngidlala indawo ephambili entweni engingakaze ngiyenze, kodwa ngijabule."
Abanye abalingisi abazobonakala kulo mdlalo oyiziqephu ezingu-13 ngoFelicia Mlangeni, Unathi Mkhize, Mbasa Msongelo, Ishmauel Songo, Zola Nombona, Siphiwe Mtshali noZama Ngcobo.
UShirley Adonisi wakwaM-Net, uthe umdlalo uzoveza izinto abantu abazaziyo ube ubajabulisa futhi ubashiya belangazalele okuningi.