UTHOLE ithuba eliyingqayizivele lokulingisa phambili kwifilimu entsha iNandi. UTenjiwe Pswarayi (26) unobuhle wangena kwezokumodela ngoba efuna ukwenza imali yokukhokhela izifundo zakhe.
Kumanje uselingisa kule filimu ebophele abalingisi abahlonishwayo kuleli okungoLorcia Cooper, Anga Makubalo, Dumisani Mbebe nabanye. Le filimu ingenye yalawo azokhonjiswa kwiDurban International Film Festival (Diff), eqale ngoLwesine.
UTenjiwe uthe uyaqala ukulingisa futhi ubezama inhlanhla kanti uzothathwa aphinde anikezwe indawo ephambili.
“Ukumodela yikona okungivulele amathuba ngoba ngithole ulwazi sengikhona ukuthi ziningi izinto ongazenza kwezobuciko uma umodela. Ngangingene ekumodeleni ngenhloso yokwenza imali ukuze ngikhokhele izifundo zami enyuvesi kanti izinto zizofike zingivume. Ngijabule kakhulu ngokulingisa kule filimu, ikakhulu ngoba ngilingisa nabantu asebebadala kwezokulingisa,” kusho uTenjiwe.
Uthe ifilimu ayikhulumi ngoNandi ongunina kaShaka kaSenzangakhona kodwa ikhuluma ngowesifazane ohlangabezana nezinkinga emva kokuthandana nowesilisa odayisa izidakamizwa.
IDiff iqale ngoLwesine izoze iphele ngo-Agasti 1. Njenga nyakenye amafilimu abukwa ngohlelo lwe-internet ngenxa yesigaba sesine somvalelandlini. Athunyelwa ezikhungweni okuhlelwe ukuthi akhonjiswe kuzona, ukuze abantu abanamathikithi bakwazi ukuwabukela kwi-online.
Kuphinde kube nezigcawu zokucobelelana ngolwazi njengeSiphethu ezisingathwa kulo mbukiso. Isiphethu sisiza abenzi bamafilimu abasebasha ngolwazi lwamafilimu. Nakuzona lezi zinkundla kungena abantu abafake izicelo zokuthi babe yingxenye yazo. Isiphethu singumgogodla weDiff ngoba yisona esisetshenziselwa ukucobelela ngolwazi lwamafilimu. Siphinde sixhumanise abenzi bamafilimu abasha nalabo asebemnkantshubomvu kule ndima, ukuze babe nobudlelwano.